AMALUNGU esigungu esangamele isikole samabanga aphansi iCwebezela esizinze eMlaza bakhala ngokuthi abazi bazozishonisaphi izingane zabo njengoba kuthiwa isikole siyavalwa.
La malungu athole lo mlayezo ngencwadi ebhalwe nguthishomkhulu, uMathebula wakuso isikole eyibhalela imenenja yesiFunda uMnuz Mngadi, umqondisi uNkk Mahlambi kanye noRaksha Kalideen.
Kuyo lencwadi ubazisa lezi zikhulu ukuthi isikole asizange sithenge impahla yokusekela ukufunda nokufundisa yangonyaka ozayo u-2025. Uthe isizathu salokho ukuthi isikole sizovalwa ngenxa yokubhaliswa kwabafundi okuphansi kakhulu.
“Njengamanje isikole sinothisha abane kuphela namabanga ayisishiyagalombili, kusukela ebangeni lika grade-R kuya ku-7. Lokhu akwehli kahle ekufundiseni nasekufundeni ngempumelelo. Isikole sinamagumbi angu-19 okufundisa kanye nenani labafundi abangu-94 kuphela,” kusho incwadi.
Iqhube yathi: “Kunomkhuba wokucekela phansi impahla ngoba kunezakhiwo ezingasetshenziswa ngendlela efanele. Isikole sizoqhubeka nokuba yisisulu sokwebiwa nokucekelwa phansi kwempahla kuze kube ukuthi akusekho okungacekelwa phansi noma kwebiwe,” iphethe kanje.
Oyilunga lesigungu esangamele isikole uNkk Lizy Khuzwayo, uthe uthishomkhulu usiyeke ngamabomu isikole angasilungisi.
“Sifuna isikole sethu sibuye. Njengoba sinezingane ezingaka-nje sizoziyisaphi. Abahloli abakaze besitshele lutho mayelana nokuvalwa kwaso isikole. UThishomkhulu sahlala naye phansi wasitshela ukuthi watshelwa umhloli ukuthi akathi isikole siyavalwa.” kusho uNkk Khuzwayo.
Uthe njengoba kuthiwa isikole siyavalwa-nje, bafuna abazali bengazilethi izingane.
“Izolo-nje kade sizibhalisa izingane njengoba sonke lesi sikhathi besingazibhalisi. Abahloli abakaze bakhulume lutho kithina, bathumela yena ukuthi atshele abantu, angasitsheli thina njengamalungu angamele isikole. Bafuna ukuthi abazali bangazilethi izingane ngoba thina asikakabi nesibalo eseqile sokumumatha abafundi nanokuthi isikole singavalwa. Bazama-nje ukudunga abantu imiqondo njengoba abazali bengazi lutho, nathi singazi,” usho kanje.
Uthe abakaze bethole ngisho umbiko owodwa oqhamuka eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni obatshela ngakho ukuvalwa kwesikole. Uthe njengoba isikole sigugile, bayakubona lokho, kodwa akulungiswe isikole ngoba izingane zabo bafuna zifunde.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uthishomkhulu uyayazi inqubo okuqhutshwa ngayo isikole.
“Akukwazu ukuthi izingane zincane esikoleni. Uthishomkhulu kumele enze izinhlelo ezizoheha abazali ukuthi beze bezobhalisa izingane zabo kuso leso sikole,” kusho uMahlambi.
Uthe uma kunamagumbi okufunda angasetshenziswa amathuba maningi okuthi acekelwe phansi futhi lokho kucekelwa phansi kwenziwa amanye amalunga omphakathi.