IQEMBU lezepolitiki i-Democratic Alliance, lisola izinga lokuqeqeshwa amaphoyisa, kudalulwa izigidi ezilahleka kufakwa izimangalo ngabathile ababoshwa kungalandelwe imigudu.
Ephendula imibuzo ePhalamende ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu, uthe zingu- 46 000 izicelo zokunxeshezelwa kwabathile okukholakala baboshwa kungafanele phakathi kuka-2018 no-Okthoba 31, kulo nyaka. Kuvele ukuthi imali okumele ikhokhwe ngalezi zinxephezelo u-R56 billion kanti uMchunu uveze ukuthi ayiphumi eMnyangweni wamaPhoyisa kodwa ehhovisi likaMgcinimafa kuleli.
UNksz Lisa Schickerling we-DA ekhuluma nabezindaba emsakazweni i-SAFM, uthe amaphoyisa kumele ahlinzekwe ngokuqeqeshwa okusezingeni elingcono ukuze akwazi ukubhekana nezimo zomsebenzi wawo ngendlela efanele ukugwema ukulahleka kwemali yabakhokhi bentela.
“Uma ubuka amacala uwahlaziya indlela awenzeke ngayo, uzobona ukuthi amanye akhombisa ukungaqeqesheki ngendlela kwamaphoyisa nokungalandelwa kwemigudu efanele uma ebopha. Amanye kungenxa yenkohlalo, ukungaziphathi ngendlela kwamaphoyisa nokusetshenziswa budedengu kwamandla,” usho kanje.
Uthe yinqwaba yamaphoyisa asebenza ngendlela efanele nenza umsebenzi wawo ngokuthemebeka elandela imigudu efanele, bese kuba khona ingcosana engongoma uyayona. I-DA inxuse uMchunu ukuthi aqinise isandla kulawo maphoyisa aphuma eceleni ukuze kugwemeke izenzo ezifuze lezi.
UNksz Schickerling uthe ikomiti elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa ephalamende lenza umsebenzi oncomekayo ukuqinisekisa ukuthi kusetshenzwa ngendlela. Uthe ukuthathelwa izinyathelo kwamaphoyisa enza okuphambene kungalekelela kulesi simo, kodwa waveza ukuthi kumele kuqalwe phezulu kosigaxamabhande kwazise kwesinye isikhathi inkohlakalo iqala kulesi sigaba.
Isibalo esikhulu sezimangalo ngokusebenza kwamaphoyisa kuthiwa sivela ezifundazweni iLimpopo, i-Eastern Cape, i-Gauteng neKwaZulu-Natal.
Nakhu okunye okushicilelwe kwi-website yamaphoyisa umuntu oboshwayo onelungelo lakho;
– Ukutshelwa ukuthi uboshelwani
– Unelungelo lokuthula ungasho lutho mayelana necala ngesikhathi uboshwa
– Akumele uphoqwe ukuvuma icala ngesikhathi uboshwa, ngoba lobo bufakazi bungasetshenziswe uma sekuqulwa icala.
– Oboshiwe unelungelo lokuvela enkantolo ngesikhathi esithile esinqunyiwe emva kokuboshwa kwakhe, kodwa kungadluli emahoreni awu-48.