KUHHOMUZELE inkantolo abantu bemangazwa owesifazane ogwetshwe iminyaka engu-10 ngokuzama ukubulala owayeyisoka lakhe nge-acid, ethi usexolelwe wumgilwa futhi uze amcele ukuthi amthumele izithombe zakhe enqunu.
UNksz Lethiwe Princess Mthimkhulu (31) ubecubuza amagabade efuna imantshi uSanele Hlatshwayo ingamqiniseli isigwebo.
ULethiwe uthe bayaxoxa kwiWhatsApp nomgilwa, uMnuz Phakamani Sibiya (34) amgila ngo-Ephreli 13, 2022.
Uthe baxoxa kangangoba umgilwa uze athi ukhumbula ngezikhathi besathandana nokuthi manje ufuna “bazithole.”
Abantu bavele bahhomuzela enkantolo, abakaSibiya bayihleka usulu le nkulumo ekugcineni abayichaze njengamampunge.
ULethiwe uveze ukuthi unesifo senhliziyo, udla amaphilisi aso futhi unengane encela ibele enonyaka nenye eneminyaka eyisishiyagalombili eyisithuli esize yaphuma esikoleni, ayinakekelayo.
Akumsebenzelanga lokhu kwazise uHlatshwayo uchaze lo wesifazane njengomuntu osenga ezimithiyo, ongathembekile, ongazisoli ngakwenza, onentukuthelo futhi ofanelwe yijele.
UHlatshwayo ubabaze isihluku nonya olwakhonjiswa wuLethiwe kumgilwa athe wamzama kwaze kwaba yikathathu nge-acid ukumbulala kodwa ehluleka.
Uthe ukuya kwakhe ejele kuzomqaqa umqondo, akwazi uzicinga futhi ahlunyeleliswe isimilo.
ULethiwe ubekade ethe wayekade etshelwe ukuthi yikhemikhali yokuchelela izivande ayinikwa owesilisa ambize ngoMoses okumanje ugcwele amathafa.
USibiya enkantolo uvumile bayaxoxa noLethiwe ngoba usuke efuna ukwazi kungani wayefuna ukumbulala nokuthi uphi uMoses?
USibiya simkhalisile isigwebo, umndeni wakhe othe sincane uma ubuka umonakalo enziwa wona emzimbeni. Amanye amalungu omndeni kaLethiwe avele aklolodela awakaSibiya emva kokukhishwa kwesigwebo aze ahleka.
Lesi senzo silandela esikaLethiwe lapho enyonkoloze uSibiya esephuma enkantolo ebheke ezitokisini.
Ngaphambi kokukhishwa kwesigwebo, uSibiya ubeke watshela inkantolo ukuthi namanje akazi ukuthi uLethiwe wayefuna ukumbulalelani.
Ngakolunye uhlangothi, uLethiwe ubekade etshele inkantolo ukuthi wasuke wathukuthela kakhulu emuva kokusakazwa ngolabhabha wempama wuSibiya okuyinto imantshi ethe kayenzekanga.
Imantshi ithe leli cala lithinta udlame lwangokobulili futhi kuwumsebeni wenkantolo ukukhipha izigwebo eziqinile ukuze kunqandwe abanye abafuna ukwenza njengoLethiwe.
Umalume kaSibiya, uMnuz Mduduzi Mtshali, uthe basola ukuthi uLethiwe wagajwa yisikhwele sokuthi wayengafuni umgilwa abonane nengane yakhe amfica enayo.
Basola uLethiwe ngokuthi uma eyobona ingane yakhe, wayecabanga ukuthi umgiwa uzothola ithuba lokuba ndawonye nonina womntwana.
“Umthetho uyathamba kwabesifazane. Le ngane yayimbulala umshana futhi ayivezi ukuthi yayimbulalelani. Le ntombazane yamthola enengane, ngakho asazi ukuthi isikhwele esingaka sasiqhamukaphi,” kusho uMtshali.
Uveze ukuthi uSibiya udinga i-plastic surgery okuvela ukuthi izindleko zayo ziwu-R800 000. Uthe kabanayo leyo mali.