KUQOTHWE ngenhlamvu abesilisa abahlanu baseMsinga ngoba benqabe ukuphuzisa utshwala obebasaha. Lesi sigameko senzeke ehostela laseDenver, eGoli ngoMgqibelo.
Ngokusho komthombo osondelene nababulewe, umhlaseli ufike emini wafuna ukuphuziswa utshwala kodwa banqaba ukumsahisa.
"Ubuyile ntambama wafike wadubula omunye wabo. Empeleni abanye ababulewe bebengekho kuxatshanwa emini. Kukhona odutshulwe ezibuyela emsebenzini kanti omunye udutshulwe ezilalele, engazi lutho. Ubuye wadubula nomakhelwane," kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe osinde kulesi sibhicongo ngobezikhulula endlini yangasese ngoba uthe uma ezwa kuqhuma izibhamu wavele wangabe esaphuma.
"Nguyena obesechazela umphakathi ukuthi ngubani obeqotha abantu ngenhlamvu," kuphetha omunye umthombo.
Kwabadlule emhlabeni kubalwa uMnuz Sanele Mkhize, uMnuz Sicelo Mathonsi noDlibhiza Mathonsi kodwa obezibiza ngoXaba ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, usiqinisekisile lesi sigameko.
"Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi abantu abahlanu badutshulwe bashona kwathi abathathu balimala kabi eDenver Hostel ngobusuku bangoDisemba 7. Amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Okwamanje akukaboshwa muntu," kuphetha uMasondo.