UMLINGISI oyintandokazi nosanda kugqama emdlalweni i-Adulting, uNhlanhla Kunene, uthi kumthathe isikhathi ukuvuma iziqephu ezinocansi njengoba zihlala isikhathi eside kwi-internet, abanye bazisebenzise ngendlela engalungile.
Ukusho lokhu ekhuluma ngokulindelekile endaweni ka-Eric ayilingisa kulo mdlalo isizini yawo yokugcina ezoqala ngoJanuwari 25 kwiShowmax.
Kulo mdlalo uzobuya nozakwabo aqala nabo okukhona kubo uThembinkosi Mthembu, Thabiso Rammusi noLuthando BU Mthembu.
Maduze abakwa-Showmax kulindeleke ukuthi bakhiphe isitatimende esizomemezela abalingisi abasha Isolezwe elike lathola ukuthi kubo kukhona noPhindile Gwala.
UNhlanhla uthe kule sizini ababhali benze isiqiniseko sokuthi abashiyi lutho ngaphandle njengoba izinqumo ezizothathwa ngu-Eric zizokhombisa ukukhula.
“Ngiyabonga ithuba engilinikwe ababhali balo mdlalo njengoba sesiwuphetha manje. U-Eric uqale njengomuntu owuhlupho kubo nakubangani bakhe kodwa manje uzobonakala ehlukile, esethatha izinqumo ezikhombisa ukuthi mdala futhi kukhona akufundile ngempilo.
“Njengoba ebeyisixhwanguxhwangu, eboshwa ngaso sonke isikhathi, manje ababukeli kukhona uhlangothi abazolubona kucace ukuthi ufundile emaphutheni akhe,” kusho uNhlanhla.
Uqhube ngokuthi ukwethembana nozakwabo kulo mdlalo kwenze izinto zaba lula ikakhulu ekuqopheni iziqephu zocansi.
“Kwisizini yokuqala kwabonakala ukuthi akukho la ngalingisa khona ngiya ocansini. Kodwa kweyesibili ngaziqopha iziqephu zocansi nokwathatha uhambo olude njengoba saqeqeshwa, ngafuna ukwazi okuningi ngaphambi kokuthi ngiziqale.
“Okungangijabulisi ngazo wukuthi uma seziphumile zihlala kwi-internet bese kuba khona izigilamkhuba eziziphendulayo zibe ngenye indlela nokwenza umsebenzi wakho omuhle ungabe usahlonishwa ngenxa yalokho,” kuchaza yena.
Uthe okunye akuthandile ngalo mdlalo ukusebenza eduzane nenkakha uNandi Nyembe.