UMNDENI ufuna athathelwe izinyathelo owokufika onesitolo oSizweni, eNewcastle, kulandela ukuphenduka kolimu lomfana lube mnyama, eqeda kuphuza idrinki emnyama okwaziwa ukuthi ikhiqizwa yinkampani yase-USA ehlonishwayo emhlabeni.
Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesibili, kugule umgilwa, uThokozani Mokoena (17), waphuthuyiswa esibhedlela.
Uninomncane, uNksz Buhle Mchunu uthe umgilwa uthenge idrinki esitolo sowokufika maqede wayiphuza, wase ethi ukudlala kancane.
Uthe emva kwalokho uqaphele ukuthi ulimu lwakhe lushintsha umbala.
“Usibikele lokhu kodwa sazitshela ukuthi uyazidlalela ukuthi uphuze idrinki, besizitshela ukuthi uphuze i-sweet aid,” kusho uNksz Mchunu.
Uthe kudlule isikhathi lwavele lwaba mnyama kakhulu kunakuqala ulimu, maqede umgilwa wazibhonqa, ejuqwa yisisu.
“Uthe esuka wabe ephalaza, ulimu selumnyama kakhulu,” kusho uNksz Mchunu.
Uthe bamphuthumise esibhedlela lapho efike walaliswa khona.
Uthe bakhathazekile ngesitolo esidayisele umgilwa idrinki emgulisile.
Udalule ukuthi nakuba umnikazi wesitolo enazo ezinye izitolo ezindala eNewcastle kodwa lesi okuthenge kuso umgilwa sinezinyanga eziyisithupha kuphela sivuliwe.
Uveze nokuthi ukhona omunye owesilisa osanda kukhala ngokuthi udayiselwe isinkwa esonakele.
Emasontweni ambalwa edlule kwasuka umsindo kukhalwa ngokufa nangokugula kwezingane ezidle ezisuke zikuthenge ezitolo zabokufika.
Uthe likhona icala abalivulile emaphoyiseni.
Lezi zigameko bezibikwa ezindaweni ezehlukene ezweni lonke.
UMengameli Cyril Ramaphosa uze wakhuluma nesizwe ngalokhu, ethi zonke izipaza aziqale phansi zibhaliswe kabusha komasipala.
URamaphosa wathi lokhu kwenzelwa ukuthi kubhekwe ukuthi zikufanele yini ukudayisela abantu izimpahla.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo ayithunyelwe nomnikazi wesitolo akatholakalanga.