NOKUBONGWA PHENYANE
NGEMUVA kokumemezela ukuthi isazoma kancane ukubonakala kuthelevishini intokazi eyake yaduma kuleli emkhakheni wokwethula izinhlelo, uNonhle Thema izobonakala kweminye yemidlalo emikhulu kuleli iGomora.
UNonhle oseneminyaka anyamalala kuthelevishini ngemva kokwethula izinhlelo zakwaChannel O, ngo-2016 wamemezela ukuthi ukubonakala kuthelevishini yinto asazoma kuyona.
UMzansi Magic ukhiphe isitatimende umemezela ukubuya kwale ntokazi kulo mkhakha ngokujoyina lo mdlalo nalapho izolingisa khona indawo kaCleopatra Mofokeng.
“UCleo yintokazi eneminyaka engu-30 ebukekayo neqola eGauteng. Ukhulele emndenini ohluphekayo lapho unina wayengumsebenzi wasezindlini, ubaba wakhe esebenza ezingadini emizini yabelungu. Umndeni wakhe uhlala endlini yomxhaso, unina ayishiyelwa ngabazali bakhe kodwa abazalwa nonina wakhe abajabulile ngokuthi indlu yashiyelwa unina kaCleo,” kuchaza uPhilly Kubheka okhulumela iMzansi Magic.
Uthe le ntokazi obekungelula ukuthi izitholele umsebenzi, yathatha isinqumo sokuthi ngeke ize isebenze kanzima ukuze iphile impilo ephezulu.
“Usebenzisa ubuhle bakhe ukuze akwazi ukuthola akufunayo kubantu besilisa. EGauteng uyaziwa emalokishini njengoba ehamba enxusa abantu ukuthi bafake imali enkampanini yakhe athi uzalisa kuyo imali kodwa agcine ebaleke nayo. Uyiqili leli elinolimi olushelelayo kodwa konke akukhulumayo kungamanga,” kuphetha uPhilly.
Uveze ukuthi kulo mdlalo uzofika ezobona uSbonga okuwumngani wakhe omdala ababekhula naye.
UNonhle ngo-2011 waba ngomunye wosaziwayo ababa nohlelo olukhombisa ngempilo abayiphilayo ephezulu iNonhle Goes to Hollywood, olwalukhonjiswa kuVuzu.
Ngo-2013 wabonakala emdlalweni iZabalaza kuMzansi Magic, ngemva kwalokho wanyamalala kuthelevishini.