UKUZIKHANDLA kwabafowabo ababili abadala kuye, ukuchaze njengesikhuthazi esenza ahlale esebenza kanzima ukuze afike ezingeni labo.
Umlingisi u-Omega Mncube, waseNewlands West, eThekwini, wumfowabo omncane kaNtando noWiseman - nabo abangabalingisi asebezakhele igama ngokulingisa emidlalweni eyahlukene yakuleli enjengoZalo, eHostela, The Wife, Ifalakhe neDurban Gen ngokwehlukana kwabo.
U-Omega (23) naye oseke walingisa kuZalo nakwiHostela, exoxa neSolezwe ngokudlondlobala kwakhe kwezokulingisa - uthe ngaphandle kwabafowabo ngabe akekho lapho ekhona manje ngokulingisa.
“Yibo bobabili abenza ngathanda ukulingisa, ikakhulu uNtando esasivame ukuyombuka esalingisa imidlalo yeshashalazi.
“Ukuzikhandla kwabo ngomsebenzi kwenza ngikhuthalele ukwenza kahle njengabo.
“Omunye umuntu angakubuka njengengcindezi enkulu lokhu ngenxa yebanga elide asebelihambile kodwa kimi kuhle ngoba kwenza ngikhuthale ukuze ngizakhele igama njengabo,” kusho u-Omega.
Eqhuba, uthe uzoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze agcine esaziwa ngo-Omega, kungagcini ngokuthi abantu bacabanga abafowabo njalo uma bekhuluma ngaye.
“Lokho ngizokwenza ngokuzikhandla ngomsebenzi wami, engikholwa wukuthi ibambe ngakho okwamanje,” kusho u-Omega okumanje ulingisa kwifilimu iRed Tape ekhonjiswa kwiShowmax.
Ephetha, udalule ukuthi nonyaka uzobonakala kwifilimu yamahlaya iSurf Sangoma ezokhonjiswa kwiDisney+ nakomunye umdlalo wethelevishini oqoshwayo kumanje, angathandanga ukuwudalula.
“Ngaphandle kwalokho, ngiyaqhubeka nokuhambela izinhlolokhono zemidlalo yethelevishini ehlukene - ngethemba lokuthi kukhona okuzohlangana maduze,” kuphetha u-Omega.