KULINDELEKE ukuthi lugqamise ubungani kwabesilisa abasakhula kodwa asebelungele ukuba amadoda azibophezele emshadweni, emisebenzini abayenzayo nasenciphisile ukuhambela imicimbi yokuzijabulisa uhlelo iBromance, oluza kuMzansi Magic.
Lolu hlelo, oluzoqala ngoJanuwari 7, ngo-8 ebusuku luzolandela impilo yabesilisa abane abakhula ndawonye kusuka bebancane.
UKgotso Tsagae (34), Molemo Lehoko (34), Hloni Mahlangu (35) noThato Chuene (37) bathi sebezimisele ukuveza impilo yabo kubantu bakuleli.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yohlelo, uThato uveze ukuthi ukuba abangani kwabo kuze kube manje yikhona okubagqugquzele ukuthi baveze izimpilo zabo nokungenzeka bakhuthaze abanye.
“Kulezi zinsuku sekuyivelakancane ukuthi abantu abakhule ndawonye kusuka besafunda kuze kube bathola imisebenzi, baqhubeke nokuzwana. Sikhethe ukuthi siyocela ithuba lokuthi sikhombise ngezinto esidlule kuzo kuze kube manje kodwa sabambana njengoba sesifuna ukuthatha izinqumo zobudoda. Nangempela salithola ithuba nesithemba ukuthi abantu bazolujabulela uhlelo ikakhulukazi abesilisa futhi kube khona abakufundayo kulo,” kusho uThato.
Uthe impilo yabo eningi bayichithe edolobheni laseGoli lapho lolu hlelo luzogxila khona.
“Sifuna ukuveza ukuthi size sifike lapha sisuka kuphi nempilo. Okunye sizoveza ukuthi umuntu ngamunye ungumuntu onjani njengoba mina ngaziwa ngokuthanda ukudansa, ngiphansi futhi ngihlakaniphile. Ngisho esikoleni ngangidume ngalokho, yimi umuntu futhi othanda uxolo, angizwani nokuxabana.”
Lolu ngolunye lwezinhlelo ezintsha ezizoqala ekuqaleni konyaka, okulindeleke ukuthi zihambisane neBig Brother Mzansi kanjalo noThando Nesithembu.