USUQALILE ukukhonjiswa ePlayhouse eThekwini, umdlalo weshashalazi osihloko sithi The Hymns of a Sparrow, okuhloswe ngawo ukukhuthaza abantu ukubhoboka ngokubahluphayo.
U-Anele Nene (27) waseNanda, obhale waqondisa lo mdlalo weshashalazi, azophinde awulingise yedwa esiteji, uthe uhlose ngawo ukuvuselela isiko lokukhuluma kubantu, bangenqeni ukubhoboka ngezinkinga zabo.
“Lokhu ngikwenza ngoba sengibone kaningi abantu begcina bethatha izinqumo ezingezinhle empilweni, nezigcina zilimaza nabanye abantu, ngenxa yezinto abasuke bezivalele ngaphakathi - bengingafuni ukubhoboka ngazo kwabaphila nabo ngezizathu ezahlukene.
“Yingakho nalo mdlalo ngiwubhale, ngawenza waba ngomlingiswa obhekene nesimo esinjalo, esenza agcine eseba nolaka komakhelwane nakwabanye abantu aphilisana nabo,” kuchaza u-Anele.
Eqhuba, uthe okunye okuzokwenza umdlalo uhlabahlose wubunyoninco awubhale ngabo okuzokwenza abawubukayo bafise ukubona isiphetho sawo, athe uwuxube nezimo abhekane nazo okwangempela empilweni, ezizohlala obala ngasekupheleni kwawo.
“Yingakho nginxusa bonke abantu ukuphuma ngobuningi babo, bezobuka lo mdlalo engikholwa wukuthi uzobavula amehlo kokuningi, bachushiseke ngezinto okungenzeka ukuthi bebengazinakile,” kunxusa u-Anele.
Amathikithi okubuka lo mdlalo atholakala ngoR50 e-webtickets, kanti okuhle wukuthi uzokhonjiswa kathathu ngosuku; ngo-9 ekuseni, wu-12 emini no-6 ntambama.
Uphinde waveza nokuthi uma kusukwa ePlayhouse, i-The Hymns of a Sparrow izokhonjiswa kwiNational Arts Festival, eGrahamstown ngoJuni naseSwatini ngoJulayi.
“Sisesezingxoxweni zokuthi ikhonjiswe naseGoli, ngaphandle kwalokho - ngizimisele ngokuqhubeka nokukhiqiza imidlalo yeshashalazi neyethelevishini ukusiza ukuxoxa izindaba ezithinta abantu abansundu, ngakhe amathuba emisebenzi emacikweni ikakhulu asemasha endimeni,” kuphetha u-Anele.