OWETHA uphethroli ezimotweni kwa-Engen, eNottingham Road, eMooi River, uthi impilo yakhe isivele yashintsha esithubeni emva kokuqokwa kweculo labo kwi-Top 10 yoKhozi FM.
UNosiluleko Nzuza (27) obizwa ngoSlue emculweni nodabuka elokishini eBruntville, eMooi River, ungene kulo mncintiswano ngengoma yabo iThemba Lami, ayicula ngokuhlanganyela noMlue Vez noKeke Makhetha.
Emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM, bakuhlamvu D, okuyilona olukhethayo ukubavotela uthumele ku-33665.
Uthe sekunesikhathi ezama emculweni kodwa ingoma yabo isivele yashintsha izinto empilweni yakhe.
“Ngisathukile ngendlela izinto ezenzeka ngayo manje. Ngisazoqhubeka ngisebenze kwa-Engen. Ngiyoyeka uma kungukuthi umculo usudinga isikhathi esiningi kodwa uma ngisakwazi ukuqhuba umsebenzi wami wakwa-Engen, ngeke ngivele ngiyeke kanjalo. Sekunesikhathi ngisebenza kuleli garaji ngizama nasemculweni kodwa izinto zingagqami kuwona.
“Ushintsho luqale kulo nyaka njengoba le ngoma yethu kungeyokuqala ebe sematheni. Sisizwe ukuthola inkampani yomculo iDivine Rythm Productions, esilekelele ukukhipha umsebenzi osezingeni. Phambilini, besiziqophela izingoma emakameleni bese siyonandisa emicimbini esendaweni,” kusho uSlue.
Uthe kwa-Engen wetha uphethroli ezimotweni abuye ashaye nesisefo kwesinye isikhathi.
Udumo lwale ngoma uthe lwenze izinto zashintsha kakhulu njengoba kumanje ethe sebeqashwa ubuthaphuthaphu. Nangesikhathi Isolezwe lixoxa naye uthe usendaweni yokucwala izinwele njengoba kunomcimbi ayonandisa kuwona. Uthe njengoba kunguDisemba baqashwe kakhulu ezindaweni ezahlukene.
“Ngibonga ukwesekwa nawumndeni wami ngoba ubungakaze ulibukele phansi iphupho lami lokuba wumculi. Ugogo wami uMaMdunge ungikhulise ngenhlonipho futhi ngizoqhubeka nokuhlonipha umhlaba. Ngibonga nokwesekwa ngozakwethu esisebenza nabo kwa-Engen abangijabulele uma bebona ingoma yethu ingena kwiTop 10 yoKhozi FM.
“Umasipala wangakithi iMpofana isiphumele obala yaveza ukuthi izosixhasa ukuthi siye phambili nomculo wethu. Nasendaweni abantu bangakithi bangijabulela kakhulu futhi nami ngizohlala ngizithobile, ngeke udumo lungingene ekhanda,” kusho le ntokazi ezwakala inomoya ophansi uma ikhuluma.
Le ntokazi efikayo emculweni kodwa ingoma yayo isohlwini lwabavotelwa ingoma yonyaka oKhozini FM ithembisa ukungazikhukhumezi njengoba inyonyobelwa udumo.
Ikhono lokucula ithe lalincela kunina owayecula eqenini lomculo wokholo lasendaweni iChosen Few.
Ngelinye ilanga uSlue uthe ufisa ukusebenzisana nabaculi abanjengoLira, Sjava, Bucie nabanye, athi ubukela kubona.