UKHALA ezimathonsi uPastor Ben Dlamini ngokufakwa kwegama lakhe kumasingcwabisane wenkampani yowayengumphathi wabaculi uTshepo Nzimande engatshelwanga.
UPastor Dlamini, uthe ungomunye wamaciko abhalise umsebenzi wawo ngaphansi kwenkampani eqoqa ama-royalty omculo iSamro.
Uthe indaba yonakale khona kwaSamro ngokufaka igama lakhe kulo masingcwabisane kaNzimande iKa-Nzimande Funeral ngaphandle kokwaziswa.
“Ngithunyelelwe umyalezo yinkampani yomshwalense yakwaSamro, iRMA, ingazisa ukuthi nginomshwalense ongikhavile ozokhokha uR25 000 uma ngishona. Ngilandelele lolu daba ngibuzisisa ukuthi bakwenze kanjani ukuthi ngifakwe kulo masingcwabisane ngingazi. Ngithe uma sengicela imininingwane yokuthi iyiphi inkampani eyosingatha umsebenzi uma ngingcwatshwa, bangivezela ukuthi iKa-Nzimande Funeral. Ngiphinde ngalandelela ukuthi iphethwe wubani, kwathiwa ekaMeshack Tshepo Nzimande.
“Ngithuke ngoma ngoba angikaze ngithathe umasingcwabisane kuleyo nkampani. Ngibe nane mibuzo yokuthi ubani okubhalwe ukuthi uyena oyomukela le mali ekhaya, ngathola ukuthi akukho gama lamuntu. Okunye okungiphathe kabi ukuthi imininingwane yami inikwe inkampani kaTshepo ekubeni naye uphinde asebenze namaciko.
“La emculweni sibuye sihlukane abanye kube abantu esingadlelani nabo. Uma yena esenemininingwane yethu siphephe kangakanani,” kusho uPastor Ben Dlamini.
Kuthintwa uTshepo Nzimande, uvumile ukuthi eyakhe inkampani eyathola umsebenzi kwaSamro kodwa ayikho imali eza kuyena yamaciko.
“Mina ngafaka isicelo sokunikwa ithenda njengabo bonke osomabhizinisi, ngenhlanhla kwaphumelela eyami inkampani. Akukho okuphambene engakwenza. Nemininingwane yamaciko igcinwe khona kaSamro. Nemali enguR25 000 ekhokhelwa amaciko uma kwenzeka lishona ayizi kumina. Mina ngikhokhelwa ukusingatha umsebenzi wokungcwaba lelo ciko kuphela. Akuwona umshwalense wami kodwa ngiyi-broker enikwe wumshwalense umsebenzi,” kusho uNzimande.
Uthe into empahatha kabi ukuthi abantu sebeqala ukukhalaza ngoba sekuyinkampani yakhe ethole umsebenzi.
“Lo mshwalense usuneminyaka ukhona, umsebenzi wawenziwa yi-Assupol. Mina ngineminyaka emithathu kuphela nganikwa umsebenzi. Le mali kudala iqoqwa. Yiwona amaciko angazibheki izinto ukuqonda ngayo yonke into eyenzekayo emagameni awo. Lento isiza wona ukuthi uma kwenzeka kufika isikhathi sokushona iciko lingasenamali likwazi ukungcwatshwa ngesizotha,” usho kanje.
Kuthintwa abakwaSamro, bathe okwamanje basaluphenya udaba bazophendula uma sekunemininingwane egcwele ngalo abasayiqoqa ngalo.