UKELLY Khumalo, osematheni kulezi zinsuku ngenxa yecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, ngenyanga ezayo uza KwaZulu-Natal, ezonandisa kwiKing Bhaka Music Festival.
Kuqinisekiswe ngumgqugquzeli wefestiveli uZamokwakhe ‘King Bhaka’ Nzama, ukuqashwa kukaKelly ekhonsathini ezoba ngo-Okthoba 14, eMakhandakhanda Dam, eMid Illovo.
Kumanje uKelly ufakiwe esikhangisini sefestiveli, lokhu kuthathwa ngokuthi sekuvunyelenwe naye ukuthi anandise kuwona.
Umculi owake wathandana noKing Bhaka, bahlukana kungekuhle, ubengalindelekile ukuthi angakleliswa ekhonsathini. Muva nje, ukhishiwe kwamanye amakhonsathi eseqashiwe ngenxa yokuvela kaningi kwegama lakhe ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Kuthintwa uKing Bhaka, ngokuqashwa kukaKelly, uthe yena akanalo igqubu namuntu.
“Akubanga yisinqumo sami ukuthi ngiqashe uKelly Khumalo, emcimbini kodwa ufunwe ngabalandeli bami. Ngenxa yokuthi umcimbi ngiwuhlelele bona namakhasimende ami kaMakhandakhanda, bekumele ngilalele abakushoyo. Anginalo igqubu noKelly Khumalo, yingakho kungabanga nzima ukuthi ngimqashe. Okwenzeka phakathi kwethu kudala ngakudlulisa futhi angifuni ukuhlala nginesitha saphakade,” kuchaza uKing Bhaka.
Kule festiveli, uKing Bhaka uqashe zozimbili izintokazi zakwaKhumalo ngoba noZandi uzonandisa. Kukhona nevidiyo lapho uZandi eqinisekisa khona ukuba kule festiveli.
Ngalolu suku uKing Bhaka uzobe egubha nosuku lwakhe lokuzalwa. Ezinye izingqungqulu zabaculi eseziqinisekisiwe ukuthi ziqashiwe uKhuzani, Igcokama Elisha, Inyonemhlophe, uPhuzekhemisi, uMbuzeni, uBahubhe, Ichane Lebhaca, Ithwasa Lekhansela, uLagxabha, Amivikelambuso, Ichwane Lendidane, Uqhoshangokwenzakwakhe, uDladla Mshunqisi, uJumbo nabanye.
Kubaphathi bohlelo kukhona uTshatha Ngobe, Nay Maps woMkhokha, Simphiwe Majozi woZalo, Kini Shandu, Bingelela Mpanza noBheka Mchunu.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets ngo-R150, kanti ayatholakala kwaBoxer, nasePick ‘n Pay.