ABACULI bandawonye abasematheni kulezi zinsuku ngenxa yecala lokufa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, bazogeqa amagula ngokubakhathazayo ohlelweni olusha lwethelevishini olukhuluma ngempilo yabo.
Isolezwe Ngempelasonto lithole lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi eceleni.
Uveze ukuthi uKelly Khumalo noZandie Khumalo-Gumede bazoba nohlelo olukhuluma ngempilo yabo nokubakhathazayo.
Ukuvela kwalezi zindaba kuza emva kokuthi lezi zintokazi zinameke isithombe esisodwa zihleli kwenye yezindawo zokudla eSandton eGoli.
Kulesi sithombe uZandie ubhale ukuthi: “Wayisusa uzoyimela, asisebenze.” #TheKhumalos. UKelly yena ubhale ukuthi: “Isukile” #TheKhumalos
Umthombo uthe kunohlelo lwethelevishini lwabo oluzayo.
“Bazoshutha uhlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yabo. Kulona bazothinta yonke into ethinta bona. Ngisho nokubakhathazayo kuzovela kulolu hlelo.
Ngaphandle kohlelo kuningi abamatasa nakho. Okunye kwakho yi-albhamu abazoyikhipha bendawonye, okuyinto abangakaze bayenze ngaphandle kokulekelelana emculweni wabo.
Kuphakathi kweShowmax neNetflix okuzovela khona uhlelo lwabo. Akukho okungezovela kulona njengoba bezobe begeqa amagula ngempilo yabo,” kusho umthombo.
Kuthintwa imenenja kaZandie, uMhlo Gumede uthe akukho okuningi angakusho njengamanje.
“Yebo kukhona abasebenza phezu kwakho kodwa okwamanje akuvumelekile ukuthi singakhuluma ngakho.
“Uma sekuvumelekile ukuthi sikhulume abantu bazokwazi ukuthi bamatasa nani,” kusho uMhlo.
Omunye umthombo uveze ukuthi impela kukhona abakuhlanganisayo uKelly noZandie, wathi luzoqola ukushuthwa maduze lolu hlelo olukhuluma ngempilo yabo.
Uveze nokuthi ngasohlangothini lomculo bazoqala bakhiphe umucu owendlalela i-albhamu abazoyikhipha bendawonye.
UKelly useke waba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe. Kulona bebevela kancane oZandie njengamalungu omndeni wakhe, kodwa kulokhu uhlelo luzobe lukhuluma ngempilo yabo bobabili ngqo.