WAMUKELWE ngesiphihli se-braai kubo eMelville, ePort Shepstone, uSiphokuhle Luthuli odle umhlanganiso emncintiswaneni weGagasi FM wokuthungatha umsakazi omusha.
USiphokuhle (21) unqobe ngoMgqibelo esesele embangweni nabanye abane abashaye emakhanda.
Uzonikezwa inkontileka yonyaka yokwethula uhlelo iMsindo Takeover ngokubambisana noMkay Music njalo ngoMgqibelo ntambama.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu uthe kukhona abasazokuphothula noSiphokuhle ngaphambi kokuthi azwakale emoyeni.
“Amathuba wukuthi uzoqala ekuqaleni kukaSepthemba,” kusho uKhulekani.
“Ngithe ngivuka izolo (esho ngeSonto) ngabo-7 ekuseni ubhuti wami omdalaa ubesepake ngaphandle. Ungithathe wathi siya ekhaya. Uma sifika ekhaya bengiqala ukubona injabulo enjeyana. Umama uvele wakikiza. Unokuthi uma ejabula avele akhuleke ngaleso sikhathi. Uthandaze wabonga nomakhelwane begcwele kunebraai. Angikaze ngiyibone injabulo enjeyena. Namanje akukangeni kithi sonke ukuthi lo muntu okade ezama usegcine elitholile leli thuba,” kusho uSiphokuhle.
USiphokuhle, ongowokugcina ezinganeni ezine, uthe ubuciko nokusakaza yinto akhule eyithanda njengoba eze wafunda eNational School of the Arts lapho ephothule khona ngo-2020.
“Ukulingisa ngezinye zezifundo ebengimuhle kuzo. Yingakho namanje ngilingisa kuZalo ngidlala indawo yokuba yingane kaMondli uSibongiseni. Leli thuba lifike kahle ngoba uhlelo engizolwenza lungempelasonto akuphazamisani nokulingisa,” kuchaza yena.
Uthe ukusakaza ukuthande ekhula elalela uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiGagasi ngaleso sikhathi olwalushayelwa ngu-Alex Mthiyane.
“Ngo-2021 ngibhalise esikoleni iLetsoalo Broadcasting Academy. Sasibancane kodwa saba nenhlanhla yokufundiswa nokuqeqeshwa yingwazi uVusi Letsoalo.
“Ngiqede khona ngayosakaza kwiRadio Sunny South. Ngiphume khona ngabuyela eThekwini ngithi ngizozama khona. Maningi ama-demo engiwathumele kwiGagasi ngathandaza ukuthi uNkulunkulu kulo nyaka ayivule iminyango kanti imithandazo yami izophenduleka,” kuqhuba uSiphokuhle.
Uthe ubenakho ukuzethemba ukuthi uzophumelela njengoba eqophe ama-demo angu-13 okungenela umncintiswano wabe esekhetha eyodwa. Uthe ukuba kwabahlanu abaphambili kusho lukhulu kuye, wazitshela ukuthi ithuba uzolibamba ngazo zombili.