INTANDOKAZI yomcimbi waminyaka yonke obanjelwa eMgungundlovu, iPietermaritzburg Royal Show, izovalwa ngegiya eliphezulu njengoba kunendumezulu yeMaskandi Festival ngeSonto.
Abantu baseMgungundlovu namaphethelo abawuvali umlomo ngokubuya kwalolu chungechunge lwemicimbi ehambisana nemibukiso ebanjelwa ePMB Royal Showgrounds neqale ngo-Okthoba 10.
Abathandi bakamaskandi kuzo zonke izindawo ezakhele uMgungundlovu bazobhema bakholwe njengoba le festiveli izobe ibophele uMthandeni SK, oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma yakhe iGucci, uKhuzani ongumculi kamaskandi wokuqala ngqa ukuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM amahlandla amabili, uGatsheni oqwaqwade ozakwabo maqede wakhala wemuka neQuantum kwiMother of All Maskandi Festival.
Abanye abaculi abazobe besina bededelana kulo mcimbi nguNtencane, uPhuzekhemisi, Ichwane LikaPhuzekhemisi, Qadasi noMaqhinga nabanye abaningi. Kubaphathi bohlelo kuboshelwe isilomo soKhozi FM, uTshatha Ngobe, umsakazi woMgungundlovu FM futhi ongumlingisi wemidlalo esakazwa kwiZee TV, uMfanafuthi Magwaza wodumo kuMamezala noThandolwethu noMinenhle Thusi osakaza uhlelo lukamaskandi, Isigqi saseKhaya, kuMgungundlovu FM.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uZazi Nxele, uthe lolu suku lukamaskandi luzobe luthokozisa futhi luqhakambisa amasiko namagugu abantu bakuleli dolobha eliyikoMkhulu leKwaZulu-Natal.
“Bonke abathandi bomculo kamaskandi nabo bonke abantu baseMgungundlovu namaphethelo bayamenywa ukuba baphume ngobuningi babo bazokweseka lo mcimbi ongowokuqala ngqa kamaskandi eMgungundlovu.“
UZazi weZazi Media uthembise izithameli into yamehlo njengoba esenamava ekusingathweni komcimbi walolu hlobo.
“Sihlele ukuthi abazohambela lo mcimbi babheme bakholwe ngenxa yobumnandi obuzobe bukhona.” Uthe izinkakha zalo mculo zizobhulelwa amazolo ngabaculi bakamaskandi abasafufusa. Uthe benzela ukuthi nabaculi abasacathula bazakhele igama ukuze bahehe nabanye abahleli bemicimbi.
“Lento yokudlalisa abaculi abasafufusa emini kungakagcwali akuyona indlela yokuthuthukisa amaciko. Ngeke siyenze, sizobaxuba kahle,” kuphetha uNxele.
Ngokusho komele abahleli bePietermaritzburg Royal Show, uNdumiso Mthethwa, uthe bameme wonke amakhosi awu-7 aqhamuka esifundeni saseMgungundlovu ngenhloso yokuba abe yingxenye yomcimbi ukuwanika indawo yawo emcimbini womculo kamaskandi ngoba uyingxenye enkulu yosikompilo lwabantu basemakhaya.
Lo mcimbi uzoqala ngo-12 emini kodwa amasango azovulwa ngo-10 ekuseni.
Amathikithi ayatholakala ngoR75 ePick n Pay kanye nasesangweni.