BEBENGACELANGA kubazali abafundi baseMabhokweni eMlalazi, eShowe abebezikhiphele olwandle lwaseMthunzini ngoMgqibelo, kwagcina kuminza oyedwa ongakatholakali.
UKwazi Gumede (14) obefunda uGrade 9 kwaNogabisela High, kuthiwa uthathwe yigagasi elinamandla.
Emva kwalesi sigameko kusabalale amahebezi okuthi abafundi bebeyobungaza ukuqeda ukubhala.
Eqinisekisa isigameko unina kaKwazi uNkk Philile Gumede, uthe uthole emini ngoMgqibelo ngesehlakalo, ethi uyamfonela efuna ukumthuma.
“Ucingo lwakhe luvele lwabanjwa unogada ongitshele ukuthi uminzile,” kusho uNkk Gumede.
Uthe ushiye phansi umsebenzi, wabiza umndeni ukuthi kuyiwe olwandle kuyobhekwa.
Uveze ukuthi bengabazali bebengazi lutho ngalolu hambo okuthiwa abangani bazihlanganisele imali, baqasha itekisi, bahamba.
“Kwalolu lwandle aminze kulo, akuvumelekile ukuthi kubhukudwe kulo, kuze kubekwe nezimpawu ezexwayisa ngalokho. Uma bechaza abangani bakhe bathi bekuwuye phambili eyongena olwandle kanti uzovele athathwe yigagasi elivele leza ngamandla,” kuchaza uNksz Gumede.
Uthe nakuba engazi ukuthi yini ebiyobungazwa abafundi kodwa bekungesikho ukuqeda ukubhala kwazise bebengakaqedi. Uthe ngokwazi kwakhe bebezoqeda ukubhala ngoNovemba.
Uthe uthole ukuthi bebehambe beyisishiyagalombili, kanti kubona bekukhona abasesikoleni iNogabisela High neSandlwana High, wathi baneminyaka engu-13 no-14.
Uthe kusukela kwenzeke isigameko, balokhu bevuka beza olwandle, ngethemba lokuthi uzotholakala umntanakhe.
Iphini lemeya kuMasipala waseMlalazi, uMnuz Mbongeleni Ngema, lithe okubaphatha kabi ukuthi ukucingwa komfundi kumisiwe ngenxa yobubi besimo sezulu.
“Ulwandle lunamagagasi aphezulu futhi lugcolile. Abatshuzi bethu eMlalazi besebenzisana nabezinye izinhlangano bathe akuphephile ukuthi baqhubeke nokucinga,” kusho uNgema.
Uthe bayakhathazeka ngokuqhubeka kwezinsuku umfundi engatholakele.
Uthe bezwile kancane kukhulunywa eyokuthi abafundi bebeyobungaza ukuqeda ukubhala kodwa abangakuqondi ngoba bekungakaqedwa ukubhala.
“Sikholwa ukuthi bavele bahlangana, bayozijabulela olwandle. Sikhathazwa ukuthi bebengacelanga imvume kubazali,” kusho uNgema, othe bayawukhuza lo mkhuba ezinganeni.
Wathi noma sekuqedwe ngempela ukubhala, bayayikhuza eyemibungazo yokuqeda ukubhala ngoba ivame ukuphetha kabi.
Zivame ukwanda izigameko zokufa kwabafundi uma kuqedwa ukubhalwa. Kwesinye esenzeka eNewcastle nyakenye, kwafa abafundi abathathu, imoto ababehamba ngayo ibandakanyeka engozini.
Kwezinye izigameko zaphambilini, abafundi baye bashone bebulawa izidakamizwa ezingaziwa abasuke bezisebenzisa kuleyo mibungazo. Kwesinye izigameko esenzeka e-Eastern Cape, kwafa abangu-21 endaweni yokucima ukoma, nakhona babebungaza ukuqeda ukubhala.