ILUNGU lomndeni wowesilisa odutshulwe wabulawa amaphoyisa ngoLwesithathu ekuseni uthi ngcingci kaMjoli.
Lo mlisa ubesolwa ngecala lokudubula abulale abantu abahlanu ngoLwesibili ebusuku emjondolo yaseChris Hani, eNew Brighton.
Leli lungu okugodlwe igama lalo litshele abe-SABC ukuthi bayajabula ngalokhu okwenzekile esihlotsheni sabo ngoba nabo besibahlalise lobhojozi.
NgoLwesithathu emini, ithimba lamaphoyisa elihlanganisa abaseshi, icrime intelligence, specialised units ne-visible policing, lilandele umkhondo womsolwa aze afika emzini osemgwaqweni uTsewu, eNew Brighton.
“Amaphoyisa agasele endlini athola umsolwa ehlome ngesibhamu, uzame ukugadla emaphoyiseni wahluleka, ase emdubula, washonela khona lapho,” Kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Lo mlisa usolwa ngokuhlasela abulale abalisa abahlanu ngoLwesibili ebusuku. Kuthiwa ngo-21:30, amaphoyisa aseNew Brighton abizelwe emjondolo yaseChris Hani, eNew Brighton. Ngesikhathi amaphoyisa efika, athole izidumbu zamadoda amahlanu zinamanxeba amaningi okudutshulwa.