UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ukwamukele ukuthi yize eqale waba manqika kodwa siya ngokuya sivuleka isikhundla sikaSamkelo Zwane, enhliziyweni yakhe.
Kusukela uZwane (22) ekhushulelwe esikimini esikhulu seChiefs ngo-2022/2023, igama lakhe lilokhu liphezulu kubadlali okuthiwa bangase babe ikusasa laleli qembu laseNaturena.
Yize bekubatshazwa ikhono lakhe kodwa amathuba esikimu abelokhu emhlehlisele emuva njalo lo mdlalo kwaze kwaba kufika uNabi ngaphambi kokuqala kwesizini.
Lo mqeqeshi waseTunisia, usheshe wakukhombisa ukuthi ukuthi wayengasengi ezimithiyo ngesikhathi ethatha lo msebenzi ngokuthi ukholelwa kubadlali abancane ngokweminyaka.
Ubufakazi balokhu ukuthi ufike kwiChiefs wakhombisa ukubethemba abadlali abafana naye uZwane, Wandile Duba, Mfundo Vilakazi noMduzuzi Shabalala.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo ngemuva kokucoboshisa iSuperSport United ngo 4-0 kwi-Last 16 yeCarling Knockout, uNabi uvumile ukuthi uke wanqikaza ngoZwane kodwa uya ngokuya uyazifaka enhliziyweni yakhe.
Ngaphandle kokunyomfa konke obekuzanywa iSuperSport maphakathi nenkundla kuya kumaphasi amahle abekhipha abagadli babhekane nonozinti, uZwane ubengomunye wabagqamile kwiChiefs kulo mdlalo.
“Kusukela siqale ukusebenza noSamkelo, usekhule kakhulu njengomdlali kwazise ubenamaphutha owabonayo ukuthi awobungane phambilini,” kusho uNabi.
“Nsukuzonke usebenza ngokuzikhandla. Uhlale ekulungele nokulalela uma elungiswa okuyinto enkulu kubadlali abasebancane ngokweminyaka.
“Kuningi osekushintshile ngaye. Akasazixaki ngokwenza izinto ezilukhuni singekho isidingo njengasekuqaleni.
“Ubegqamile koweSuperSport. Uya ngokuya uyazifaka enhliziyweni yami yize ngikuvuma ukuthi ngiqale ngaba manqika.
“Uma eqhubeka ngale ndlela angikuboni okuzomkhipha esikimini ngaphandle kwezimo eziphoqayo njengokuphunyuzwa kwabadlali, ukwehlelwa ifomu, izigwebo zamakhadi nokulimala.
“Akuyena yedwa kepha nabo bonke laba abasebancane ngokweminyaka kusenebangana okusafanele balihambe kodwa konke kusahamba kahle.
“Kuwumsebenzi wethu njengabaqeqeshi ukwenza ukuthi iChiefs iziqhenye ngabadlali abakhiqizwa izinkulisa zayo abafika esikimini esikhulu babe izimpendulo,” kusho uNabi.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo iyobhekana nayo iSuperSport United koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium ngo-5.30 ntambama.