KUYAMTHOKOZISA ukuthola ithuba lokuboshelwa nezingqalabutho kwezomculo wokholo ezizonandisa emcimbini, iThe Victorious Worship Experience ngoOkthoba 22, e-ICC, eThekwini.
ULungelo Hlongwane (24), ozakhele igama kowokholo uthi kusho lukhulu ukushiyelana inkundla nabaculi bowokholo abahlonishwayo kuleli okubalwa uJumbo, Benjamin Dube noDr Tumi.
“Ngijabulela ukuthi abantu bazongibona okokuqala ngiyicula bukhoma ingoma kanti yisikhathi sokuthi siyijabulele sonke,” kusho umculi.
ULungelo wakwaD eMlaza, usanda kukhipha ingoma ethi Uyangilwela Ubaba, ngemva kokungena endimeni yomculo ngo-2018 kanti usekhiphe amaalbhamu amabili e-EP, nezingoma ezimbili.
Ekhuluma neSolezwe, uthe amaciko ayaludinga uxhaso ngoba izinto sezibuyela esimeni, ngemuva kweminyaka emibili engaqashwa.
“Ngaphambi komvalelandlini bengijwayele ukusebenzisa imali engiyithola ngokuqashwa emculweni ekutheni ngihambe ngayo ngiye esikoleni ngisize nasekhaya. Kodwa isimo muva nje, sesishintshe kakhulu.
“Ingoma yami ikhuluma ngokulwelwa nguNkulunkulu kuzona zonke izimo esidlule kuzona kuze kube yimanje. Ngiyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela ibuyise nethemba,” kusho uLungelo.