EMUVA konyaka enyamalele emculweni, umculi we-Afro soul, u-Asanda "Msaki" Mvana, ukhuza ibuya emculweni ngendumezulu yekhonsathi.
Yize amemezela ekuqaleni konyaka owedlule ukuthi uhlaba ikhefu emculweni ngenxa yengcindezi azithola ekuyo kulo msebenzi kodwa kuleli sonto liphumile iqhina embizeni.
Uthe ubekhungethwe ukhwantalala emuva kokuvela kwemibiko yokuthi wabhadanywa wunkosikazi womsakazi we-5 FM, uSmash Afrika ukuthi ujola nendoda yakhe.
UKefiloe Mdutshulwa, oyindodakazi kaRami Chuene, wacashunwa kwelinye iphephandaba laseGoli ngo-2022, esola uMsaki ngokuzitika ngocansi noSmash.
Kuthiwa uKefiloe wabhadama izithombe zikaSmash noMsaki beqabulana futhi kunezincwadi ezibhalwe nguMsaki ethi uyazifela ngoSmash.
Emuva kokuvumbuka kwalo mbiko, igoda lagqabuka phakathi kukaSmash noMsaki ngenxa yokuthi uMsaki kwamphatha kabi ukusolwa ngokuba wumbhidlizi wemishado yabantu bese uSmash ewuhlaba inhlali.
UMsaki uthe kwahluleka emncenga uSmash ukuba aphawule ngalezi zinsolo kodwa wancamela ukufela ngaphakathi ekubeni yena esemanaphanapha yizinhlamba zabantu bakuleli.
Uthe okwamphatha kabuhlungu kakhulu ukushicilelwa kwenye yezincwadi zabo zothando ephephandabeni.
Emuva kwalesi sigameko, uMsaki wathatha amasakana akhe waphuma emculweni njengoba esebuya ngeCamagu in Symphony: 10 Years of Gratitude, okuwumcimbi ozokuba eSunBet Arena, ePitoli ngoDisemba 12.
Uthe inhloso yomcimbi wukubonga kubo bonke abantu abawe bevuka naye, ebuhleni nasebubini kule minyaka eyishumi esendimeni yomculo.
Uthe uzoqhulula wonke amanoni akhe azowacaphuna kusukela kwi-EP yakhe yokuqala esihloko sithi Nalithemba, kuya kwi-albhamu ethi Zaneliza.
Camagu yigama lesiXhosa elisho ukuthi "Ngiyabonga." Phakathi kwabaculi ababoshelwe kulo mcimbi kukhona uTresor, Sun-El Musician, Simmy, Nduduzo Makhathini neBlack Motion.