UMLINGISI owaqala ukuduma esethandana nendlovukazi yomculo we-Afro pop, uBrenda "Mabrrr" Fassie, ugonyuluke ngokwamqhatha noBongani Fassie, oyindodana kaBrenda.
USindisiwe "Sindi" Khambule waseMgungundlovu uthe okwabaxabanisa noBongani ukuthi wayefuna ukulala naye, wenqaba.
Ekhuluma kwi-Own Narrative Podcast, uSindi uthe ngolunye usuku uBongani wazenza umuntu ophethwe yizinyo, wafuna ukuzolala naye embhedeni.
"Ngathi angikwazi ukulala naye embhedeni owodwa ngoba angisiye unina. Ngathi akathathe amaphilisi ayolala egunjini lakhe. Wakhala uBongani. Uthe ngenxa yokuthi umbhede wawumkhulu, uBongani wangena embhedeni futhi wambatha, kwathi yena uSindi walala wabheka le. Uthe kwathi ngokuphazima kweso wezwa esethintwa wumphambili kaBongani osuvukelwe. Uthe wakhuza ibhadi, wamxosha kanti useyinyathele emsileni kuBongani.
USindi uthe wamxosha kabuhlungu uBongani, wamtshela ukuthi iyona into ayizondayo ngabesilisa ukuthintwa wumphambili wabo.
"Ngathi Bongani phuma! Ngumntwana wedlozi mina, kuwo wonke amanyala engingawenza, angeke ngalala nomama wakho ngibuye ngilale nawe. Ungalokothi ungenze loyo muntu. Kungenzeka kanjani ukuthi ngingayeka osibanibani nosibanibani bengifuna phansi phezulu? Uma bekukhona ebengikufuna bakhona abantu abangcono kakhulu kunawe."
Uthe kusukela lapho baphenduke inkukhu nempaka noBongani. USindi ubuye waveza ukuthi wadlwengulwa nguninalume eseneminyaka ewu-13. Uthe wayethi uma emlethela itiye, aqhaqhazele, kufe izinkomishi bese kubo kuthiwe yingoba uyisidenga. USindi uthe wayesuke eqhaqhazeliswa ukukhumbula ngosuku uninalume emdlwengulwa ngalo, emkhombe ngommese. Uthe wathi uma etshela umndeni ngalokho, unina waphanjanelwa yikhanda maqede umndeni wasola yena.
USindi ubuye wadalula ukuthi okumenza ahlale emigwaqweni yaseYouville, eGoli, ukuthi uhlushwa yindodana yakhe, ebuye ivuke indlobane ifune ukumbulala.
"Ngiphuza utshwala ngisho ngingasafuni. Ngike ngenze nanoma yini ukuze ngisheshe ngife kodwa ngikhathazwe umntwana wami."
Uthe ugcine esevalelwa ekulingiseni ngoba ubenqaba ukulala nophrojusa.
USindi ubuye ulingise emidlalweni nasemafilimini amaningi. Ubuye walingisa indawo kaLindi Shabalala kwiBackstage, ekaSindi Sibiya kwiZone 14, waba ngunina kaTsotsi efilimini iTsotsi neyomhlengikazi uConstance kwiRhythm City. Wabuye walingisa kwiYizo Yizo, The Lab, Heartlines, Erfsonders, Jacob's Cross, Mtunzini.com, Isithembiso nezinye