SIMUNCU isimo ethempelini lamaNazaretha eMbelebeleni elizinze ehostela KwaMashu emva kokuhlaselwa kwabefundisi abamemezele ukubuya komshumayeli obexoshiwe.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi eMbelebeleni, ukuthi abefundisi baseBuhleni baphume ngesamagundane behlaselwa amakholwa ngempelasonto, emva kokwenza isimemezelo sokubuyela kukaMshumayeli Makhelwane Shandu esikhundleni.
Kuthiwa ngendlela okubemuncu ngayo kuze kwagwazwa namathayi emoto yomunye wabaholi obezokwenza isimemezelo, amaNazaretha evuke umbhejazane.
Kuthiwa njengoba kuza iSabatha akwaziwa ukuthi isimo sizobanjani njengoba kubhekenwe ngeziqu zamehlo.
“Kukhona abahambisana nokubuyiswa kukaMshumayeli Makhelwane Shandu nabangafuni abuyiswe. Inkinga kube wukuthi umshumayeli uShandu wamiswa ebandleni ngo-2022 noMkhokheli uMaMkhize. Icala labo kwaba wukusolwa ngokukhuluma kabi ngomholi uNyazilwezulu. Ngesikhathi sekuthathwe isinqumo sokuthi bamiswe kwamenyezelwa ebandleni nabo bebengasabonakali. Kugcine sekugcotshwa abanye abazoba ngabaholi khona eMbelebeleni. Baqale ukubonakala kulo nyaka beza esontweni, amaNazaretha anganeliseka ngokubonakala kwabo. Okufike kwabhebhethekisa isimo kube isimemezelo sokuthi babuyiselwe ezikhundleni zabo, kulapho kusuke khona umsindo,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe ngesikhathi bechithwa enkonzweni ngo-2022 kwaba nesigungu esiphezulu esasihlalele udaba lwabo, esasihlanganisa iNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo, inkosi yakwaZwane neNkosi yaseMthandeni uGumede. Uthe nezincomo zayiswa yiwona lama khosi kumholi uNyazilwezulu, abuyisa impendulo ethi luthathe isinqumo sokuthi bamiswe esontweni.
Uthe okucasule amakholwa ukuthi akuzange kubonakale neyodwa kulama khosi efakazela le nkulumo eshiwo ngabagcotshwa ukuthi uNyazilwezulu selubavumele ukuthi babuyele esontweni, nokuyikhona okususe umsindo.
“Njengoba kuza isabatha asazi ukuthi kuzokwenzekani uma bephinda bebonakala laba okusuke umsindo ngokubuyiswa kwabo ngoba namanje akekho oseke wafika wafakazela le nkulumo yabafundisi abababuyisile. Inkinga enkulu ukuthi leli thempeli lisehostela lapho kuvamise ukuthi kusuke khona impi kalula. Akuyona into esiyithandayo ukuthi siveze izindaba zesonto emaphepheni kodwa kunabantu esibona bengaphephile ngoba kusithusile esikubone kwenzeka,” kuqhuba umthombo.
Leli phephandaba linalo izwi eliqoshiwe lapho kumenyezelwa khona ukubuya kukaMshumayeli Shandu noMkhokheli uMaMkhize. Kukhona nelinye elinxusa amaNazaretha ukuthi afake umnikelo ukunxephezela umgcotshwa olinyalelwe yimoto ngesikhathi zidudulana esontweni.
Imizamo yokuthola uMshumayeli Makhelwane Shandu ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe luyamethusa lolu daba ngoba ubengalwazi.
“Sizokhuluma nabo abaseMbelebeleni ukulungisa isimo. Ngokomthetho kumele udaba lusukunyelwe yibona abakuleli thempeli ngoba kunamakomiti akhona ngaphakathi. Ngenxa yokuthi kubonakala sengathi ahlulekile kumele kube ubuholi obuphezulu obungenelelayo ngoba ngeke bakwazi ukuxazulula inkinga ebathinta bonke. Uthe abakwenzayo kululaza isithunzi sebandla noNyazilwezulu, futhi yibona abayisa udaba emaphepheni ngoba intatheli ayizange ibekhona lapho bekuliwa khona,” kusho uMncwabe.