IZINKUMBI zamakhasimende anezinkinga zezigubhu zikagesi osebenzisa ikhadi nayizolo bezisaqhubeka nokutheleka emahhovisi ase-Eskom ehlukene, yize le nkampani ibisimemezele ukuthi abantu abathenge ugesi ezitolo bafake izinombolo ezizobashintshela ohlelweni olusha.
Izolo, bekuwusuku lokugcina lokuthi amakhasimende athole izinombolo ezitholakala ngokuthi uthenge ugesi wekhadi.
I-Eskom ithe amakhasimende athengile uzokwazi ukuwasiza kusukela namahlanje ngoba azobe esenazo izinombolo.
EThekwini inqwaba yamakhasimende athi awanazo izigubhu, akokotele ugesi, nalinde izigubhu ezintsha kumasipala, athutheleke emahhovisi kamasipala kagesi aseSiphingo ngobuningi ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
Amaningi aphume emahhovisi ephoxekile ngoba ethi kuthiwe akabhalise amagama awo, bese eshayela inombolo yamahhala abike kuqala.
UMnuz Senzo Maluleka waseMlaza, uthe sekuphele iminyaka egqigqa kuMasipala weTheku ebika ngesigubhu sakhe esifile, ubenethemba lokuthi uzothola usizo ngengoba sekushintshelwa ohlelweni olusha.
“Isigubhu asikhanyi kuneminyaka kunjalo. Ngabika kwafika usonkontileka owayethunywe umasipala wangixhumela, wathi okwesikhashana. Uma sekunezigubhu ezintsha uzobuya. Ngagcina nami sengijwayele ukuthi ugesi angiwuthengi futhi awupheli. Ngisukume manje ngoba ngizwa kuthiwa uzocishwa,” kusho uMaluleka.
UMnuz Mduduzi Mngoma uthe: “Isigubhu safa nyakenye, ngemuva kokubika ngahlala ngalinda kwangafika muntu wakwamasipala. Kubuhlungu manje ngoba kuthiwa singase sikhokhe inhlawulo esuka ku-R6 000” kusho yena.
Abanye abangathandanga ukukhuluma kubantu ebebekulayini bathe abanazo izigubhu ugesi bawukokotela ngoba behluleka ukuwuthenga, bazoziceba kumasipala.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku, uthe kade baluphothula uhlelo lokuthuthukisa izigubhu, akanalo ulwazi ngabebegcwele emahhovisi abo aseSiphingo.
“Akhona amakhasimende ka-Eskom aseThekwini angenalo ulwazi lokuthi owawo ugesi awuthola kwa-Eskom. Kuze kubonakale ngoba sesithole imininingwane yabo ukuthi awekho kwi-system yethu. Ngicela athumele e-email sizowaphendula kusasa (namhlanje),” kusho yena.
UNkk Daphney Mokoena okhulumela, u-Eskom, uthe abantu abathenge ugesi ezindaweni ezivumelekile bazosizakala emahhovisi kusukela namhlanje kuya phambili.
Uthe amakhasimende kuzomele athenge ugesi ukuze athole iziliphu ezimbili ezinezinombolo zokuthuthukisa ubuchwepheshe obusesigubhini sikagesi.
“Izigubhu zizophelelwa isikhathi namhlanje (Novemba 24) kodwa uma uwuthengile ugesi wathola lezo zinombolo uzokwazi ukusizakala kodwa. Uma ungakwenzanga lokho kuzomele kushintshwe isigubhu okuzomele ikhasimende lisikhokhele,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo kubalwa nabebengawuthengi ugesi abanezigubhu.