ABANTU baseNingizimu Afrika balokhu beye njalo ebhodweni lezikhwama zempesheni njengoba sebefinyelele ngaphezu kwesigidi okuqinisekiswe ukuthi sebekwenzile lokho.
Uphiko oluqoqa intela kuleli, iSars, iveze ukuthi yize kunenqwaba yabanyulile kodwa futhi baningi abahambe olukamabuyaze bethi bayonyula. Bathi lokhu kwenziwe wukungahambisani kwemininingwane yabo neyalolu phiko okubalwa kuyo izinombolo zabo zentela ezabhaliswa abaqashi, yizinkinga zomazisi nabanye abakweleta lolu phiko imali.
Ngokwesitatimende esikhishwe yi-Sars, imali esiphumile yaya kubantu kusukela ngoSepthemba 1, nonyaka, izikhwama sezikhokhe uR21.4 billion.
Lolu phiko luthi baningi abantu bakuleli okungathanda zisuka nje babe befaka izicelo, kodwa balindile baze bazifaka emuva kwezinsuku ezingu-20 kuvulwe lolu hlelo lokunyula. Kodwa abanye bazifaka ngalo usuku okuvulwe ngalo.
Kunxuswe abasebenzi abasafuna ukunyula ukuthi baqinisekise nalolu phiko ukuthi izinombolo zabo zentela yizona yini lezi ezibhaliswe ngaphansi kwezikhwama zempesheni abazikhokhelayo. Kubalulekile nokubheka ukuthi lolu phiko awulukweleti yini ukuze ungathi uyenyula, imali yakho ifike ingene emgodini wesikweletu sakaSars.
UKhomishana wakwaSars, uMnuz Edward Kieswetter, uthe kuyadumaza nokho ukuthi lolu hlelo luvundulule abakhokhi bentela abebengathembekile. Abebesho amaholo amancane kuSars ukuze lolu phiko lubabambele imali encane.
“Ngebhadi uma wenza lokhu, usuke wephula imithetho yakwaSars, ungazithola uboshwa noma uhlawuliswa ngalesi senzo,” egcizelela.