LIPHIKE lalala ngomhlane isosha ukuthi yilona eladubula labulala umkalo nokuthi liyabandakanyeka ekufeni kwakhe.
Lilandulile nokuthi lakhomba ngesibhamu ingane yalo ngosuku lwesehlakalo.
UMnuz Lwanda Zungu ubebuzwe yimantshi uMuntu Khumalo ukuthi uyawaphika noma uyawavuma yiniamacala amabili athweswe wona, okungelokubulala ngenhloso nelokukhomba umuntu ngesibhamu.
UZungu uthe akwaziyo ukuthi umufi uNkk Tania Msani-Zungu wayekhombe yena ngesibhamu, wasibamba, kwathi ngesikhathi bebangisana ngaso saqhuma wadubuleka washona.
INkantolo yesiFunda ePinetown ibigcwele phama abantu bezokweseka uZungu abanye abanye behamba nomndeni kamufi.
UZungu ubukeka ekhululekile, ugqoke izimpahla ezimnyama nothayi.
Ugundile ekhanda uyamoyizela uma ebona izihlobo ezizomeseka. Ubeqale wathi akamdingi utolika ecaleni, uzoqeqebuka ngesiNgisi kodwa emva kokulumana indlebe nommeli wakhe, ushintshile wathi usezomdinga.
Uveze nokuthi ucela imantshi ibe nabasizi ababili ezocubungula nabo icala, nebala kwenzeka lokho.
Usolwa ngokudubula abulale uNkk Msani-Zungu lapho babehlala khona eNew Germany ngoJanuwari 3 nonyaka. Kuthiwa wakwenza lokhu phambi kwezingane zabo nomkhwekazi wakhe.
Wazinikela emaphoyiseni eqhutshwa ummeli sekudlule izinsuku kwenzeke isigameko futhi esezwile ukuthi ufunwa amaphoyisa.