Amaphoyisa adubule abulala ababili abebezama ukuwadubula efuna ukubabopha eMlaza ngoMgqibelo ntambama njengoba bebebesolwa ngokuba nesandla ekuqothweni kwamalungu omndeni ayisikhombisa eHighflats ngenyanga edlule.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, wabumba ithimba elizothungatha ababulali ngemuva kwesigameko esashiya umphakathi uthuthumela.
Ukudutshulwa kwalaba basolwa kulandela ukufa kwabanye ababili ababetholene phezulu namaphoyisa ngoLwesibili oyedwa waphela emehlweni.
Ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo ngoMgqibelo, athole ukuthi abanye abasolwa ababili basendleleni bayogeza ngokwesintu eMlaza.
Ngesikhathi amaphoyisa ebabona behamba ku-Old South Coast Road futhi ezama ukubamisa, bavele bavulela ngenhlamvu amaphoyisa aphendula baphelela endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa batholakale nezibhamu ezimbili osekuqinisekisiwe ukuthi ziyathinteka esigamekweni saseHlokozi.
Uthe alikho iphoyisa elilimele.
Esigamekweni, esasukumisa ngisho uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli ngenyanga edlule, kwashona umama wekhaya uBahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uPhilile (39), umalokazana uNompilo (34), isihlobo uSikhumbuzo Khambule nabazukulu uLisa (9), Siphosethu (9) noZemvelo (5).