NKOSIKHONA CELE
SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseXobho, isenzo senyanga yakule ndawo okuthiwa ilande ilobolo layo ngodli ekhweni layo icikwa ukuthi bayiganisela umuntu wesifazane ongabatholi abantwana.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi uMnuz Mzikawupheli Xabhashe oyinyanga eyaziwayo kule ndawo uvuke umbhejazane wahamba nabaqaphi bakhe bayolanda ngodli izinkomo zelobolo eHighflats.
Inyanga kuthiwa beyicikwa ukuthi umkayo uNkk Zethulile Xabhashe (uMaChamane) akafuni ukumtholela abantwana.
Kuvela ukuthi inyanga beyicikwa ukuthi sekuphele iminyaka eyisithupha umama engabatholi abantwana futhi isola ukuthi lokhu ukwenza ngamabomu.
Kuvela ukuthi bafikile kubo kukamakoti base becela ukuthi babuyiselwe zonke izinkomo abazishiya mhla belobola.
Umthombo uthi ekhweni babavumelile ukuthi bakwenze lokho. "Ekhweni bamane behlisa umoya, babavumela ukuthi bathathe izinkomo zabo eziyishumi ababekade belobole ngazo,'' usho kenjena.
Uqhuba umthombo uthe ubaba kamakoti uthe akakuthandi ukukhuluma yingakho ebavumelile.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume nayo inyanga, yavumela phezulu ukuthi vele iyile ukuyolanda izinkomo zayo.
"Uyithathephi inombolo yami? Lalela ke ngoba vele uyazithanda izindaba zabantu, ngiyile vele ukuyolanda izinkomo zami. Angeke phela ngize ngidlale umuntu wesifazane ongafuni ukuzala,'' esho.
Intatheli imbuzile ukuthi kungani ecabanga ukuthi umkakhe akathandi ukuthola abantwana?
Ithe waqale wamtshela ukuthi ucela ukuthi bangasheshi babathole abantwana ngoba usafuna ukuthi bahlale bodwa emzini wabo bajabulele ukushada.
Uthi kuthe ebona kuphele isikhathi eside engazali wambuza umkakhe ukuthi kanti kwenzakalani?
"Wangiphendula ngokuthi yena ngeke aze azale ngoba uyazivocavoca futhi akakulungele ukuthi angaba nesisu esikhulu ekubeni enomzimba omuhle,'' echaza.
Inyanga ithi lo wesifazane waze waphakamisa nokuthi kulandwe umakoti wesibili kube nguyena ozalayo ngoba yena akasiyona inhlobo ethanda ukungalali ebusuku ibangelwa umsindo umntwana.
''Mina ngaganwa yisilwane somuntu wesifazane, into ebona sengathi usana yinto enesicefe nje. Ngazama ukukhuluma nabazali bakhe kodwa nabo behluleka,'' isho kanje inyanga.
Ithe iyabona ukuthi isuke imane izidlalela nje uma izithokozisa ngokocansi nomkakyo ngoba kukhona amaphilisi awadlayo.
Isolezwe Ngempelasonto limshayele ucingo uMaChamane, wavuma ukuthi kulandwe izinkomo kubo, wathi lokhu kumphethe kabi.
Udalule nokuthi seligqashukile igoda phakathi kwabo bobabaili. "Ayikho into engingayikhuluma nomuntu ongihlambalazile phambi kwabazali,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi babekade bevumelene nomyeni wakhe ukuthi baqale ukuthola abantwana okungenani ngemuva kweminyaka eyisikhombisa.
"Lokhu ngakucela ngoba kukhona izinto ebengifuna ukuthi ngiqede ukuzenza ngaphambi kokuba ngikhulelwe,'' usho kanjena. Uveze ukuthi unguthisha ngokomsebenzi kodwa wala waphetha ukuveza ukuthi ufundisa kusiphi isikole.