UKUBA wundabamlonyeni kubantu ngendawo ayilingisa emdlalweni, iGqeberha: The Empire, kuMzansi Magic kwenza akholwe wukuthi wenza umsebenzi oncomekayo.
UTembinkosi Ngcukana olingisa indawo kaThulani Mxenge (33) waseKapa, kulo mdlalo oqale ukukhonjiswa ngenyanga edlule, uthe izincomo zabantu ngomsebenzi wakhe, zenza aqhubeke nokuzikhandla, ukwenza okungaphezu kokufuneka kuyena, ikakhulu ngoba uyaqala ukulingisa phambili emdlalweni wethelevishini.
“UThulani wumuntu othulayo nongathandi ukukhuluma kodwa ngisazoveza olunye uhlangothi olwehlukile.
“Nokho ingcindezi inkulu kakhulu kimi ngoba ngingomunye wabalingisi abangena cishe kuzo zonke izigigaba zomdlalo kodwa ngijabule ngokulingisa kulo mdlalo, ikakhulu ngoba ngangivele ngiyifisa le ndawo kaThulani engiyilingisayo,” kuchaza uTembinkosi.
Uqhube wathi okwenze wafisa ukulingisa uThulani kwasekuqaleni, wukuthi ebona incazelo efingqiwe echaza ngempilo yabalingisi bomdlalo, wabona ukuthi ekaThulani ingezinto nezinkinga zempilo aseke wezwa ngazo.
“Nokuthi mina ngiwumuntu okhonze ukukhuluma ngakho ngibone kungaba yinto enhle ukulingisa indawo enje, ngoba iphambene nomuntu engiwuyena - futhi izonginika inselelo engiyidingayo njengomlingisi.
“Ngijabulela nokuthi kuningi engikufundayo emdlaweni nangaphandle kwawo, nendlela okukhulunywa ngayo isiXhosa eGqeberha, engafani nengikhule ngisikhuluma eKapa,” kuphetha uThembinkosi.