UDJ waseThekwini oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma ethi Nzo Nzo Nzo nethi Intozami, uSiyabonga "Kotin" Zikode, uthe kusho lukhulu kuye ukuhlabana ngomklomelo weKZN Top Achiever's Award kumaChampions of KZN abeseRoyal Hotel, eThekwini.
Abagqugquzeli balo mqhudelwano wezindondo bathe bahloniphe uDJ Kotin ngalo mklomelo ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla, uthando nokuphokophela kwakhe ekuqhakambiseni lesi sifundazwe kuzwelonke nasebalazweni lomhlaba ngomculo wakhe. "Siyakubungaza, nempumelelo yakho," kusho umyalezo wabagqugquzeli.
UDJ Kotin uthe ukuwina lo mklomelo kusho ukuthi ukwazile ukumela abantu belaKwaMthaniya ngempumelelo emphakathini nasendimeni yomculo.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Kotini wakhipha unqambothi lwengoma nyakenye, ehambisana neBig Nuz, esihloko sithi Hello. Leli noni belibalwa namanye abebanga ukuhlukanisa unyaka kwiTop 10 yoKhozi FM futhi lenze uDJ Kotin wakhala wemuka nendondo yeBest Kwaito/Gqom kumaMetro FM Music Awards kulo nyaka.
Usanda kukhipha umucu osihloko sithi Intozami. Uthe le ngoma ucabanga ukuthi iyona ehamba phambili kwake waziphrojusa njengoba ikhombise ukuthi usekhulile emculweni futhi ihlanganise nesigqi sikamaskandi. "Ibhekiswe kubantu abahlukene nabeminyaka engalingani. Ngayo ngibheke izindondo ezine kuya phezulu." Lo DJ ubuye wenza olunye ulozolo lwengoma ngokubambisana noBabes Wodumo noMadanone olusihloko sithi Nzo Nzo Nzo.
"INzo Nzo Nzo yenza kahle kakhulu futhi ngangazi ngesikhathi ngihlela ukupika uBabes ngoba usenesikhathi agcina ukukhipha umculo. Abantu bakulangazelele ukuba akhiphe umculo omnandi."
UDJ Kotin uthe la manoni azotholakala kwi-albhamu yakhe azoyikhipha ekuqaleni konyaka ozayo, nathe izobe ihlabahlosile.
"Kuculwe ngempela laphaya. Ungalindela umlilo nebhomu ezosakaza wonke umuntu ngoba ibophele umculo ovuthwe ngempela njengoba ihlanganise umculo wokujuxuza, Afro house, gqom, 3 step ehambisana ne-lock drum lapha nalaphaya. Wunqambothi lwe-albhamu."