Uhlele ukuthi kugqame amaciko aseMkhuze, emicimbini ehlukene ezoba ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo iMlingo Sportsground, uThululalele Zungu ohlela umcimbi kazime uMiss Mkhuze 2024.
Umcimbi wanonyaka uzoba ngowokuqala futhi kulindeleke ukuthi kugqame amaciko endawo kusuka kozime kuya ebaculini abazonandisa.
Ekhuluma neSolezwe uZungu, uthe sesiside isikhathi ehlela imicimbi emincane kodwa lona uzoba ngowokuqala omkhulu.
“Ngomcimbi kazime ngifuna ukukhuthaza abesifazane ukuthi bazithande futhi bazithembe bafeze amaphupho abo. Ngakho siyanxusa ukuthi umphakathi uphume ngobuningi bawo uzothamela umcimbi ngoba amathikithi azobe etholakala esangweni enkundleni okuzobanjelwa kuyo umcimbi. Emcimbini wantambama nakhona sinike ithuba amaciko asafufusa, ekugcineni kuzoba khona abazohamba nemiklomelo ehlukene,” kuchaza uZungu.
Uqhube wathi emacikweni adumile kuzobe kukhona umculi kamaskandi iMroza Fakude.
Abanye abazonandisa kubalwa uNcelebane, Amazimase, Savage Kid, Ginabre, DJ Lucky, DJ Thulani nabanye.
Umcimbi kazime uzoqala ngo-12 emini, kuzongenwa kuwo ngoR10.
Owokunandisa uzoqala ngo-6 ntambama kuzongenwa ngoR20.