USAZIWAYO wakuleli odume ngokufequza engaligqokile idilozi uZodwa Wabantu, uphinde wahlangabezana nembibizane kwelinye izizwe.
Bekufanele uZodwa ayonandisa ngempelasonto emcimbini ose-Elibo Guest House, eMaseru, eLesotho. Kepha ushaye phansi ngonyawo uNgqongqoshe woMnyango weziNdaba zaseKhaya namaPhoyisa, uMnuz Lebona Lephema, wabhalela lendawo ukuthi bewuhulumeni wakuleliya lizwe abamfuni uZodwa.
ULephema uthe ukuziphatha kukaZodwa kungamanyala ngoba udansa engadilozile. Uthe ukufika kwakhe kuzofana nokuphulwa komthetho wakuleliya lizwe elingamakholwa angamaKhrestu futhi elingazimisele ngokuhloniza inqubo yobuKhrestu. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZodwa ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Akuqali namhlanje ukuthi uZodwa enqatshelwa ukuyonandisa kwelinye izwe. Ngo-2017 wavinjwa ukunandisa kwiHarare International Carnival, ePrivate Lounge, eZimbabwe.
Kwenzeka ngemva kokuthi umlingisi wakuleliya lizwe u-Anne Nhira, oshone ngo-2021, ekhala ngokuthi kungani kuqashwe uZodwa ekhona amaciko. U-Anne, oke walingisa kwiZabalaza kuMzansi Magic, watshela isikhulu zaseZimbabwe, ukuthi uZodwa uyisibonelo esibi entsheni ngoba engadilozi futhi efaka izithombe enqunu ezinkundleni zokuxhumana.
Nango-2022 uhulumeni waseMalawi, wanqaba umkumnikaze imvume uZodwa, ngesikhathi eqashwe ukuba ayonandisa ngoJuni 10, kwi-Amapiano Festival eBlantyr.
ESwatini lamiswa ngembaba ngo-2019, elokuthi uZodwa angalokothi abeke eyakhe imicondo kuleliya lizwe likaMswati III. Kwakusolwa ukuthi uZodwa uzofaka umoya omubi emantombazaneni aseSwatini, ukuthi kusesitayeleni ukudansa ungadilozile emphakathini.