SELWETHULIWE uhlu lwabaculi bakamaskandi abangu-30, nokuzohlungwa kubona iqembu lesibili labayishumi abazoqashwa kwiGcwalisa Spring Picnic, ezoba seKing’s Park ngoNovemba 4.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uKhuzani Mpungose, umemezele abayishumi bokuqala ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi ngoLwesithathu eCoaslands Hotel, eMhlanga.
Kulaba asebemenyezelwe bebeqokwa ngezingoma zabo ezibukwe kakhulu kwiYoutube njengoba bekudingeka esezibukwe kwafika ku-1 million.
Kubaculi abangu-30 asebemenyezelwe basekhasini leFacebook, lalo mcimbi. Ukubeka umculi ethubeni kumele ucindezele uLike esithombeni sakhe. Ozoba noLike abaningi uzoba sethubeni lokungena ohlwini lwabayishumi abazoqashwa kulo mcimbi.
Kubaculi abavotelwayo kuFacebook, kukhona uDumakahle, Imfez’emnyama, uMzukulu, uNjoko, Abafana bakaMgqumeni, uMntuyenziwa, I-Boss Yentambo, uBahubhe, uMlabalaba, uSkweletu, uDulasi, uQhoshangokwenzakwakhe, uMdumazi, uMroza, uKhangelani DSD, Navigator, Mnikezwa, Mjolisi, Sminofu, Shwi, Thokozani Langa, Ithwasa Lekhansela, Ali Mgube, Ithole Lendidane, Sgwebo Sentambo, Umjabulisi, Stabilithy, Jaiva Zimnike, Quality, Izinyane Lendlamanzi noDumakahle.
Ukuvotela umculi omthandayo kuvalwa ngoSepthemba 30. Ngezinye izinhlelo ngabanye abaculi abasazonandisa, uKhuzani uthe zisazomenyezelwa. Nyakenye kwakuqashwe nabaculi beminye iminxa okungavezwa ukuthi bona bazoqashwa kanjani.