ISITOBHA seKaizer Chiefs eseqiwa yijezi sikhona, uGiven Msimango, sigeqe amagula ngesimo esisichaze njengesingasijwayele esibhekene naso kusukela kuqale isizini yeBetway Premiership ka-2024/2025.
UMsimango (27) osabonakale emidlalweni emibili yeChiefs yeligi kule sizini, angase awuqale owanamuhla kwazise u-Inacio Miguel ngeke adlale ngenxa yekhadi elibomvu alithola koweCarling Knockout bekhishwa yiMamelodi Sundowns.
IChiefs izokwamukela iRichards Bay FC emdlalweni weligi onamuhla ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UMsimango owathengwa yiChiefs engukaputeni kwi-TS Galaxy kumasizini amabili adlule, udlale kwengu-25 yeligi kuMakhosi ngesizini edlule waze waqokelwa esigungwini sokaputeni.
Ukufika komqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, kuzishintshile nokho izinto kwazise usekhombisile ukuthi uthembele kuMiguel noRushwin Dortley, abakhonya esikimini kusukela kuqale isizini.
Abadlali abafana noZitha Kwinika noThatayaohane Dithlokwe, nabo libeqa bekhona kusukeka kuqale isizini.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho iChiefs ebibabizele khona ngasekuqaleni kwesonto, uMsimango owayidlala yonke eyeligi kwiGalaxy ngesizini yakhe yokugcina kuyona, akazange akufihle ukuthi akakujwayele ukungayiqali imidlalo.
“Okwami ukuqinisekisa ukuthi ngidla kahle ngizinike nesikhathi esanele sokulala ukuze kuthi makuvela ithuba lingifice ngiwumqemane,” kusho uMsimango.
“Angikhumbuli ngibhekene nesimo esifana nalesi kodwa njengoba ngiwumdlali welikhokhelayo kusemqoka ukwamukela isimio sinjengoba sinjalo. Kubalulekile ukuqonda ukuthi unobhutshuzwayo uhamba ngezikhathi ngakho-ke okwami wukwamukela ukuthi kuseyisikhathi sokuthi kudlale abanye. Okumqoka ukuhlala ngilindile futhi ngifithi ukuze makuvela ithuba ngilibambe ngazo zombili,” kuqhuba lo mdlali ongomunye kwababeqokelwe kowePSL Defender of The Season ngo-2023/2024.
Amakhosi aya emdlalweni weBay esele ngamaphuzu angu-14 kwizimbangi zawo zaseSoweto i-Orlando Pirates eqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-21. EZimnyama seziyinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa yeligi.
“Igebe eliphakathi kwethu nePirates akuyona ngisho into esicabanga ngayo. Yebo baqale kahle (iPirates) kodwa uma singabanaka kakhulu singagcina singafikanga lapho sifuna ukufika khona.
“Ngeke kusisize ukuzixaka ngegebe eliphakathi kwethu nePirates kodwa kumele sigxile ekutheni sizowaqoqa kanjani amaphuzu agcwele kwiBay esingangabazi ukuthi iphupha ngokwenza okufanayo kithina,” kusho uMsimango.