IVULANDLELA kwezokucikoza ngezinganekwane nezinkondlo futhi elidume umhlaba wonke, uDkt Nokugcina Elsie "Gcina" Mhlophe, lizohlonishwa ngeqhaza lalo ngoMeyi 28, yiDurban University of Technology (DUT), e-Olive Convention Centre, eThekwini.
Uyaziwa umlando namagalelo kaGcina Mhlophe kwezokucikoza futhi unoxhaxha lwamakhono okubalwa elokuba ngumlobi wezincwadi, usonkondlo, umbhali wemidlalo yeshashalazi, nomlingisi oyisishoshovu.
IDUT iyahlonishwa futhi yiyona ezohlonipha uGcina Mhlophe ngeziqu zobudokotela oyinjulabuchopho kweze-Visual and Performing Arts .
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe imithombo yezindaba, uGcina Mhlophe uzohlonishwa ngenxa yeqhaza lakhe ekuqhakambiseni ezobuciko, ikakhulu ekubhalweni kwezincwadi nakwezokungcebeleka. Siqhuba isitatimende sithe leli vulandlela kwezokucikoza nokulondolozwa komlando wezinganekwane nobumbongi, lizoba yingxenye yezifundiswa ezingu-371 ezizothweswa iminyezane emkhakheni we-Arts and Design.
Ehalalisela uGcina ngalolu phaphe lwegwalagwala, uSolwazi Runette Kruger, obeyisikhulu esiphezulu ophikweni lwe-Arts and Design, uthe bayaziqhenya ngemisebenzi yeqhawekazi ekuqhakambiseni nasekunothiseni ezamasiko.
Uthe ubuciko nokuzimisela kukaGcina Mhlophe kwenze iNingizimu Afrika, yaqhakaza ngokucikoza ngezinganekwane nokulondolozwa kwamasiko. Esephetha uthe impumelelo yalo qolothakamango ihambisana nombono wesikhungo i-ENVISION2030, okuhloswe ngawo ukufukula impilo yabantu.
Ngakho ubulangazelele kabi ubudlelwano bukaGcina Mhlophe neDUT ngoba bungafukula abafundi nezinhlelo zesikhungo.
Khonamanjalo uGcina Mhlophe, ungomunye wezikhulumi ezizokwethula isifundo ngamagalelo omculi ongasekho odumile emhlabeni uMiriam “Mama Afrika” Makeba, ngeSonto e-Unisa, ePitoli.
Indumezulu yomcimbi ihlelwe ngokuhlaganyela phakathi kwesikole esingaphansi kwe-Unisa, iThabo Mbeki African School of Public and International Affairs (TM-School), nenhlangano iMiriam Makeba Foundation.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi sekuyihlandla lesibili kwenziwa isifundo esibizwa ngokuthi Celebrating the Life and Legacy of Dr Miriam Zenzile Makeba – 92.
UGcina Mhlophe uzoshiyelana inkundla noDkt Yvonne Chaka Chaka, Mama Abigail Kubeka, Mama Marah Louw, Mr Leslie Sedibe noThamagana Max-the-Mixer Mojapelo.