UZIBOPHEZELE ekuthuthukiseni isimo sempilo ekhaya futhi uhlela ukusebenzisa ukuba yimbongi ukwenza lokho.
USthandiwe Zimbili ‘Maqinasi’ Ngcamu, uqokelwe emqhudelwaneni wezindondo iLive Your Dream (LYD) Awards, lapho ezoncintisana nabanye osonkondlo.
Le ntokazi eyaziwa ngelika ‘Stha Umaqinisi Wembongi’, ikhulele eMabheleni, kwaSwayimani, iqokwe emunxeni weBest Poet. UMaqinasi (22) uthe kuyintokozo kuyena ukuthola ingqayizivele yethuba lokudlana imilala nezimbongi ezihlonishwayo.
"Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kwami ngoba ngiyaqala ukungenela umncintiswano. Nginethemba lokuthi kuzongivulela amathuba amaningi futhi ngeke kugcine ngalo mqhudelwano. Ngiyacela abantu bangivotele ngokuthumela i-sms ebhalwe ukuthi LYD 324 ku-33282. Ukuvota kuyavalwangoNovemba 15," kuchaza uSthandiwe.
UMaqinasi unxuse umphakathi ukuba umeseke ikakhulu owaseMshwathi, nowaseMgungundlovu, namaphethelo ukuba bamvotele ngobuningi bawo ukuze ngoNovemba 19, abuye nendondo eThekwini. Lo sonkondlo uthe uqale ukuzibona ukuthi unekhono lokuloba izinkondlo ngesikhathi esesikoleni eSmero, lapho kwathiwa ababhale izinkondlo ukuze zihluzwe.
"Ikhono lami lichume kakhulu sengifunda eKusaselihle High, ngenxa yokugqugquzelwa nguthisha wakwaSibisi ngo-2016."
Uthe akabange esabheka emuva futhi ugcine esebenzisana nabaculi abahlukene ezingomeni zabo, befuna zibe nemiyalezo eyakhayo.
Leli ciko ngelesithupha ezinganeni zakwabo zikaNksz Meleni Mavis Ngcamu noBhekezakhe Alson Mlondo waseMalangeni, eNdwedwe, esigodini saseNdaka.
UMaqinasi uqale ukufunda eDumela Combined Primary, naseKusaselihle High, eMgungundlovu.