INKUNDLA yokuxhumana iTik Tok uthe iyona emvulele amathuba ayengacabangi ukuthi uyofinyelela kuwo uNcengani Shezi (33), odume ngelikaMashudula.
Le ntokazi yaseNkandla kwesikaMagwaza, ithe ukuzibona kwithelevishini isebenza ezinhlelweni zokuthuthukisa abesifazane yikhona okungayijabulisa empilweni.
Ekhuluma neSolezwe uMashudula, uthe uyafisa ukuthi imicimbi ekhuthaza abesifazane ibe ngeminye emikhulu eyenziwayo ukuze bafukulane.
“Benginazo ezinye izinkundla zokuxhumana kodwa ukungena kwami kwiTik Tok kwashintsha okuningi empilweni yami. Ngangizisebenza nomngani wami sidayisa izikibha futhi sinendawo yobumnandi. Kodwa ukwenza ama-video ahlukene kwangihlanganisa nabantu bangithanda njengoba ngiyilo muntu obonakala kwiTik Tok, akukho okungale engikufihlile,” kusho uMashudula.
Uthe abalandeli bakhe abanda usuku nosuku wabona ukuthi akabajabulise ngezinto ezihlukile okukhona kuzo umculo, izinkulumo ezakhayo namancoko.
“Mina abantu besifazane ngihlale ngikhuluma nabo njalo emakhasini ami ngezinto ezehlukene. Ngangingaziboni ngila ngikhona ngenxa yokuthi bengihlala eNkandla emakhaya, ngibona sengathi amaphupho ami ngeke afezeke. Kodwa ngikwazile ukunyuka ngaze ngaba la ngikhona manje. Ngakho ngifuna ukuqhubeka ngikhuthaze umuntu wesifazane oqhamuka noma ikuphi ukuthi kungenzeka noma yini. NgoMeyi 24 ngizobe ngiseThekwini, eMushroom Lounge ngiphethe uhlelo emcimbini okuthiwa iPhinifa on Fleek, okuwumcimbi wabesifazane nowokugubha uSuku loMama owenziwa uNokuthula Khasibe odume ngelikaMadam Nox. Kulo mcimbi ngifisa kufike abesifazane abehlukene ngoba lapha sizobe sizokhuthazana ngokuthi noma kungathiwa uqhamuka kuphi kodwa ngaphansi kwephinifa siyafana futhi singathuthukisana sisodwa,” kuchaza yena.
Uthe umkhakha wethelevishini iwona asebheke kuwo kakhulu manje.
Uveze ukuthi umuntu ambonga kakhulu uGe Ngcobo odume ngokuhlela umcimbi Umbuso Wamaciko, nokunguye owaba owokuqala ukumthatha wazophatha umcimbi wakhe.