UKUVELA kwezibalo ezinkulu zeculo iJerusalema, kaMaster KG noNomcebo Zikode kusho lukhulu kule ntokazi yaKwaZulu-Natal esidume umhlaba wonke ngenxa yaleli culo.
Kulezi zinsuku kukhulunywa ngokuthi iculo labo selibukwe abantu abangaphezu kuka-100 million okuyinto ebajabulisa kakhulu.
UNomcebo uthe akukhona ukunyuka kwezibalo nje kuphela angachoma ngakho kodwa kusho nokungena kwemali ephaketheni kubona njengabanikazi beculo.
“ Ukufika ku-100 million wezibalo kusho ukudayisa kweculo lethu. Ngenye indlela kusho ukuthi iculo lethu selidayise iMulti Plutinum ngokweNingizimu Afrika. Njengoba selidayise umhlaba wonke kusibeka ethubeni elikahle lokuthi silandelwe ngabantu abaningi ngomsebenzi esiwenzayo. Njengoba libukwa emhlabeni wonke jikelele, lezi zibalo zisho iPlutinum e-Italy. Khona akulula ukuthi ngidalule ukuthi yimalini eyenziwa ngokubukwa kweculo kodwa, lenza imali eningi impela. Ngiyabonga ngendlela esesekwa ngayo abantu baseNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele. Indlela engikhule ngihlupheka ngayo ngiyambonga uNkulunkulu ukuthi ungikhumbulile nami. Umama usikhulise kanzima kungekho lutho ekhaya kodwa angililahlanga ithemba njengoba bengilokhu ngibekezele emculweni njengoba ubungekho omunye umsebenzi engiwufundele,” kusho uNomcebo.
Uthe njengoba esenesikhathi eside kangaka elekelela abanye abaculi ubengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga uzofika kuleli zinga.
“ Ukuduma kweJerusalema kungenze ngaba novalo lokukhipha omunye umculo, ngisaba ukuthi angizofinyelela ezingeni layo. Ngimangalile uma ngikhipha iXola Moya Wami nayo yathandwa ngalolu hlobo. Kimina kuvele kwafika ukuthi uNkulunkulu ungikhumbulile emva kobunzima engidlule kubona. Bekuhlala kuyisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibe nomsebenzi wami engizoziqhenya ngawo njengoba bengijwayele ukuzwakala emaculweni oDJ abehlukene. Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu agcine umama wami abone izithelo zempumelelo yami,” usho kanje.
I-albhamu yakhe iXola Moya Wami, isiphumile, inezingoma eziyisishiyagalolunye.
UNomcebo uqale emculweni elekelela abanye abaculi. Kubona kukhona uLundi Tyamara, Sfiso Ncwane, Dumi Mkokstad, Kholeka, Nhlanhla Nciza, Zahara noDeborah Frazer. Uke wasebenza noDJ Ganyani engomeni ethi Emazulwini, Mobi Dixon engomeni ethi Koba Nini Kunjena nakwezinye.