UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
UKWESABA kuNosipho ngaphakathi eziboshweni kuyakhula. Ubudlelwano bukaNomathemba noScrewdriver buba sengcupheni. UMzamo unika umngani ukukhululeka akade ekudinga. UScrewdriver wenza konke ukunika uNomathemba (Zandile Ngwane) usuku lwamagugu oluhle ake aba nalo empilweni. UPhefeni uyaxoshwa eqembini lebhola iKwaMashu FC. UNkunzi uzizwa sengathi uqoliwe emncintiswaneni womdanso. UMzamo udlala ngoXoliswa. Bayaxabana futhi uScrewdriver noNomathemba. UHlelo ubuyele emuva futhi njengoba esehlala yedwa. Umhlengikazi uRuth unesicelo asibhekise kuNjeza nesimshiya emangele. UNokuthula ukuthola kunzima ukungacabangi ngoGeja.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC 1
WENZA okubi uKhumo komunye wesifazane. UTau uphaka impi ezitheni zakhe zakudala. UPele ungena enkingeni uma ezama ukusiza enye yamadodakazi akhe. ULucy uthola lukhulu ngokusebenza nentsha. UNozipho uphula imithetho ngesikhathi enza inhlolokhono. AmaRashiya anomsindo ngesivakashi angasiqondi kahle. Kuba nemibono ehlukene uma abakwaMoroka bezwa ukuthi ubani oza lapho behlala khona. UNontle uhamba ehogela izindaba nalapho kungafanele khona. UMelokuhle uyacabanga ukuthi kungenzeka yena noMpho benze iphutha. UJack akanakile ukuthi kukhona olalele inkulumo yakhe. ULucy uyadinwa uma umuntu omncane kunaye emqondisa. UKhumo akazi ukuthi amehlise kanjani umoya uNozipho okhathazekile.
SCANDAL
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
UMA imiyalezo ilahleka, kanjalo nobufakazi abubi bikho. UKgopolo uzizwa ezitshwa yindodana yakhe endala. UMdala kumele aphoxe uTlhogi njengoba kukhona okumdingayo emsebenzini. Akade enakho uNhloso ngomuntu akholelwa ukuthi kuyashabalala. UTlhogi uzama ukubhekana nezindaba ezimbi azizwayo. Okunye ukuhlaselwa kwenza uNhloso abaleke. UTalitha noKgopolo bathatha isinqumo ngobudlelwano bezothando bendodakazi yabo. UPoets uvezela uKgopolo ukuthi ungubani ngempela. UVuvu kuyamphoqa ukuthi amukele amanga atshelwa wona. Ukuxabana okuba khona kudala owesifazane owuhlupho ukuthi abaleke. Ukuvakasha kukaPoet kuhamba kahle, kuphazamiseka uma uKgopolo esemcela ukuthi bakhulume bebobabili.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
U-HARRIET usabisa ngokutshela u-Ayanda iqiniso lokuthi uMsizi wamphika u-Ayanda ngesikhathi ezalwa. UMolefe uncenga uMaria ukuthi amenze umaqondana wakhe impilo yakhe yonke. UFaith ulula isandla njengoba ethi nguye ozokhuluma noHarriet emele uMsizi. UMolefe uthola isikhafutini sika-ice cream sigcwele imali, futhi sifihlwe efrijini emzini wakaZwide. Uthatha isinqumo sokuhamba naso. Umsindo uyanyuka uma u-Ayanda ekhuluma noHarriet futhi uyavuma ukuthi uMsizi ngubaba wakhe. USoka (Linda Nxumalo) uyajabula ukuthi uMaGumede usekwamukele ukuba sebudlelwaneni noMampho. Yize uFaith emelulekile ngobungozi angahle abhekane nabo, uMsizi uhlangana no-Ayanda kungazi muntu. Njengoba izinkulumo ziqhubeka nokukhula, uMampho usola uMaria ngokuba umashonisa futhi uyamxwayisa ngokubeka impilo yabo engozini. UMolefe ngakolunye uhlangothi, ubhekene nomuntu ongafuni ukukhokha imali enkulu amkweleta yona.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
UNOZUKO usempini ngesiko nokuzila ngendlela yakhe, nokuphoqa ukuthi uHlumelo akhokhe. Njengoba izinto zingahambi kahle phakathi kukaNozuko noHlumelo, uHlumelo ucela ukuthi naye bamkhombise uzwelo. UMsimelelo ubashayela umthetho uNontle noSonwabile. UNozuko uzama ukwamukela ukulahlekelwa okukhulu abhekene nakho, kodwa abanye bakhathazeke ngokuthi ubudlelwano bakhe bezothando buzoqhubeka yini. UFuneka wenza umyeni wakhe abone izinto ngendlela efunwa nguye. UNontle wenza isivumelwano noSonwabile okungelula ukuthi asinqabe. UHlumelo uyakwazi ukuqeda ububi obebuhlasele umndeni wakhe. Uthando analo uNontle ngoSonwabile lumvala ukuthi abone okwenzeka ngempela.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
NJENGOBA izelamani zakwaMthembu zibhekene nepolitiki eqhubeka ebandleni, umzimba kaMaNzimande (Gcina Nkosi) ubhekana nobunzima bokukhandlela futhi isimo sakhe sempilo siya ngokuba sibi. UGabi uzilela othandiweyo wakhe. Umndeni ukhathazekile ngesimo somqondo sikaMaNzimande. Omakoti bakwaMthembu bazisola bona ngesimo sikaMaNzimande. UDifa ukhathazekile ngobufakazi obukhulunywayo njengoba kunophenyo. UNdlovu ufuna ukubhekisa ukufa kwabantu ohlangothini lukaDifa noSiphamandla. UNobuntu uyamangala uma uNokubonga eveza imfihlo. UNdlovu uya kuMaMzobe neqhinga elingaqumba phansi ibandla likaSiphamandla. UKhulekani udidekile ngokuthi alikhulume yini iqiniso. Izinkinga zikaMaNzimande zisekude ukuphela futhi neqhinga likaNdlovu ayalenqaba amakhosikazi akhe.