BAHLAZEKILE abelaphi bendabuko asebezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana kuvela izindaba zokuthi bawaka abantu futhi abasuke bekuveza kungamanga ngenhloso yokuheha amakhasimende.
Lezi zindaba zivele kuleli sonto kuxabane owayengumsakazi weZululand FM noseyintatheli yekhasi leYouTube, Inyoni TV, uGwajo Zungu nomelaphi, uZamokwakhe “King Bhaka” Nzama.
UGwajo uhlambalaze uKing Bhaka ngama-video aqoshiwe, lapho abethi yena akakaze aye emzini walo melaphi eHillary, eThekwini, futhi abakaze bahlangane. Uze wambiza ngomfana omncane angamesabi.
UKing Bhaka naye uvele waya ekhasini lakhe waveza bonke ubufakazi bokuthi bayazana noGwajo nokuthi usake wafika emzini wakhe. Uphinde wasabalalisa nezinkulumo eziqoshiwe ekhuluma noGwajo, ezisholo yena ukuthi zonke lezi ziqephu ezike zibonakale ezinkundleni zokuxhumana ekhuluma nabelaphi bendabuko, zingamanga. Kule nkulumo uGwajo uzisholo yena ukuthi zisuke zisungulwe nguyena, bese eqeqesha izinyanga ukuthi zilingise kanjani.
Izinyanga okuvela amagama azo ngokuhubhuza amanga ngoDr Khehlelezi, Dr Mabalengwe noDr 2+2. KuMabalengwe uveze udaba alushutha lapho lo melaphi ayesenkantolo kwacisha ugesi ngenxa yokucimasakuwonga kodwa wathi uyena owenze kwacisha ugesi esebenzisa amandla akhe obunyanga. Lokho kuthiwa yinto abavele bayisungula noGwajo ngoba bebona kucisha ugesi enkantolo. KuKhehlelezi, uveze ukuthi ngesikhathi kushuthwa le nyanga ithi ilanda imali emanzini, kwakuyinto engekho, eyayakhiwe. Uze waveza ukuthi isiteshi se-online i-Real TV eyayishutha uKhehlelezi, ayikwazanga ukuhlunga kahle i-video ukuze ikholakale.
Uphinde waveza ukuthi nesimo sale nyanga asisihle, isilahlekelwe amakhasimende ngoba kukhona asebebonile ukuthi ayikho into yayo. Uthe kumanje isimo sayo sinzima kwezezimali, ize ifune ngisho neziliphu ima ithume umuntu esitolo ngoba isigade lonke isenti eliphumayo.
Ku-2+2, uthe isiqephu abasanda kusishutha lapho bekuvela khona uGwajo eyoxolisa ngenkomo ethi usenenkinga ngoba uxabane nale nyanga, singamanga. Uthe nenkomo yokuxolisa bekuvele kungeyakhe u-2+2.
Kuthintwa uKing Bhaka ngenhloso yakhe yokusabalalisa lezi zindaba, uthe akaxabene noGwajo kodwa uyena ongungqondongqondo ekusunguleni izikeshi ku-Facebook ukuze kudayiswe imikhiqizo yezinyanga ezikhohlisa abantu.
“Kudala ngizixwayisa lezi zinyanga ukuthi zingadlali ngabantu. Ngigcine ngibonile ukuthi kungcono ngivele ngiyiveze imikhuba yazo. Inkinga ukuthi le nto eziyenzayo ilimaza igama lobunyanga bese kuba sengathi wonke umuntu wenza le nto eziyenzayo,” kusho uKing Bhaka.
Kuthintwa uGwajo, uthe imlimaze kakhulu indaba yokuvela kwalezi zindaba.
“Kuyaziwa ukuthi mina ngiphila ngawo lo msebenzi. Ngakhile futhi ngisanda kulobola unkosikazi wami ngawo lo msebenzi. Uma sekwenzeka kanje angazi yinto engizoyithini. Le nto ilimaze ngisho nekusasa lami ngoba ngelinye ilanga benginesifiso sokuthi ngisebenzele iziteshi ezinkulu njengeSABC kodwa sengibona amathuba engasekho. Angisazi isizathu esenze uBhaka enze kanje. Okwamanje ngisanqena ngisho nokuvela kubantu ngendlela okwenzeke ngayo,” kusho uGwajo.
Bonke abelaphi abathintekayo kulolu daba, bashayelwe izingcingo kodwa izingcingo zabo bebengaziphenduli. Nemiyalezo abathunyelelwe yona abayiphendulanga.
Umengameli wabelaphi bendabuko i-Traditional Healers Council KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe yize bengahambisani nokuvela kwalezi zindaba ngezinkundla zokuxhumana, kodwa bayabonga ukuthi sekuvezwe obala lokhu.
“Kudala sibona ukuthi kudlalwa ngabantu kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana kodwa engekho umuntu okhulumayo ngale nto. Kuyiqiniso, laba abagcwele khona ezinkundleni bethi bayelapha, iningi labo zigebengu. Kunenqwaba yabo abahamba amacala okudlwengula ngoba bafike bethi basiza abantu bese beyabadlwengula. Abanye baveza izinyoka. Ekwelapheni awukwazi ukuveza inyoka bese uthi ungumelaphi. Inyoka iyaluma futhi ayikho into enhle eyamaniswa nenyoka. Abantu abaqaphele izigilamkhuba ezizibiza ngezinyanga,” kusho uMhlongo.