UYAVEVA umsakazi weGagasi FM, uNonjabulo “Njabs” Zwane ocikwe wunontandakubukwa wasezinkundleni zokuxhumana, uMusa Khawula, oveze izindaba zokuthi lo msakazi ubophe obeyisoka lakhe ebelimshaya.
Ngenxa yentukuthelo uNjabs uphendule ku-X, etshela uMusa ukuthi akamthumanga ukuthi avezele izwe izindaba zakhe zangasese. Ube esemyalela nokuthi acishe yonke imibhalo.
Ebhekise kuMusa, uNjabs uthe: “Ngicela ucishe yonke into oyibhale ngami. Angikucelanga ukuthi ukhulume ngaleli cala noma ukungikhulumela. Lokhu kungukudalula izindaba zami zangasese ngaphandle kwemvume, ikakhulukazi ngoba lolu daba lusenkantolo,” usho kanje.
Eqhuba uNjabs uthe: “Ungizwisa ubuhlungu ngoba ujahe ukuthi kukhulunywe ngawe. Impilo yami le, ngicela uyiyeke le nto. Awubuqondi ubungozi ongifaka kubona ngale nto,” kuqhuba yena.
Ethintwa, uNjabs ushaye ngezimfushane wathi ucela ukungaphawuli ngalolu daba. Noma intatheli isikhuluma igxila ngokushiwo wuKhawula, nemininingwane yalokhu kuhlukunyezwa okuvelayo, akaphikanga lutho futhi wangavuma lutho, wahlala ekutheni akafune kuphawula.
“Okunye ngicela wazi ukuthi angikuniki imvume yokuthi ushicilele izithombe okungenzeka ube nazo mayelana nokushaywa kwami ngenxa yokuthi ziyingxenye yobufakazi futhi zisedokodweni njengobufakazi kuleli cala,” kusho uNjabs.
Ku-X abantu bebebuza ukuthi osaziwayo bamsabani kanti uMusa njengoba ezibhalela yonke into ngabo kungabi ndaba zalutho. Abanye bebenxusa uNjabs ukuthi akambophe. Abanye bebebuza ukuthi utheni kanti ukuze bamkhuze? Kukhona nabathe abamyeke vele uzobhala kuphinde kudlule.