KUPHELILE ngezikhaftini ezibizayo zakwaTupperware njengoba abanikazi bale nkampani e-United States befake amaphepha aveza ukuthi abanamali enkantolo.
Le nkampani ivale ifemu yayo yokugcina e-United States kulo nyaka kwahlukumezeka abasebenzi abangu-150 abadiliziwe.
Ngokombiko weReuters, le nkampani ifake amaphepha okuthi ayinamali ngoLwesibili, kanti kuvele ukuthi ikweleta u-R12 billion engakwazi ukuwukhokha.
Kuvele ukuthi ngonyaka odlule iye yakhala ngokwehla kokuthengwa kwezitsha zayo.
Ize yaxosha obeyisikhulu sayo uMnuz Miguel Fernandez, isikhala sakhe savalwa nguNksz Laurie Ann Goldman njengoba isifake amaphepha okuthi ayinamali.
ITupperware yasungulwa ngo-1946, emuva kokuthi umsunguli wayo uMnuz Earl Tupper ekhiqize isikhaftini esinesivalo esingakuchithi ukudla kodwa esivuleka uma sesivulwa wumuntu.
Lezi zikhaftini kuthiwa zaba nedumela elikhulu kwabesifazane okuyibona ababenzela abayeni ukudla abazokuphatha emsebenzini, babe sebeqala ukuzidayisa benza nemicimbi okwakusuke kuhlangenwe kuwo ukuheha abanye ukuba badayise izikhaftini.
Kuthiwa kule minyaka ewu-80, i-Tupperware ibincike kakhulu kubantu abayidayisela imikhiqizo yayo ngaphandle kokuthola uqeqesho oluthile, iningi labantu abawu-300 000 abadayisa i-Tupperware kuthiwa bekungabesifazane.
Ezinkundleni zokuxhumana kuhlukene imibono njengoba usaziwayo wakuleli, u-Anele Mdoda, enze ihlaya lokuthi abantu abangapheki yibona abawise i-Tupperware njengoba ubusetshenziselwa ukuphatha ukudla.
Abanye bamphendule ngokuthi kulesi simo somnotho kaRamaphosa otshekile sebefaka ukudla esikhaftinini zika-ice cream, abanayo nemali yokuthenga i-Tupperware.
Abanye bathe kungcono ngoba abazali kade babewuthenga ukuthi uhlobise ngakho usazoba khona.