UKUNGAGEZI izinsuku ezintathu kwabesifazane, abanye bengakwazi ukushintsha amaqakelo, bengakwazi ukuncelisa izingane ezincela amabhodlela, indlala nokuququdwa amakhaza, ngezinye zezinto abavaleleke emigwaqeni ewuthelawayeka u-N3 no-N11 phakathi kweFree State neKwaZulu-Natal, abayoyixoxela amagwababa ecobana.
Lishone elangeSonto lesi simo singakalungiseki kanti sekuqinisekiswe nokuthi kushone nabantu ababili okuthiwa baququdwe ngamakhaza kulesi simo.
Lokhu kuvezwe oyibamba likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, esithangamini sabezindaba eMgungundlovu.
UNkk Madlopha-Mthethwa uthe omunye wabafi ushonele kwenye yezimoto ebezivalelekile kule ndawo ngesikhathi owesibili ongowesifazane, evele waquleka ngesikhathi itekisi abehamba ngayo ingena ezitolo eMerrivale eHowick.
“Imibiko esiyitholile ithi uvele wawa. Uphuthunyiswe esibhedlela, endleleni kwabonakala ukuthi isimo sakhe siya ngokuya siba sibi. Kuvela ukuthi uhlonzwe njengoseshonile ngesikhathi efika esibhedlela,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.
Uthe bobabili babulawe ukuzwela amakhaza kakhulu.
Ubuye waveza nokuthi zingu-1 823 seziphelele izimoto ebezivaleleke ku-N3 kusukela ngoLwesihlanu ebusuku.
Kuzona wathi bekukhona namabhasi amabili abethwele izingane zesikole saseQwaqwa eFree State, iQwabi Primary ebezibuya ohambweni lwaseThekwini.
“Nazo ziseqhulwini ekutheni siqinisekise ukuthi ziyaluthola usizo eziludingayo,” kusho yena.
Uveze ukuthi phakathi komasipala abakhahlamezekile kukhona uThukela, athe yilo olukhahlamezeke kakhulu, kube Amajuba, Harry Gwala noMgungundlovu.
Uthe babophele amathimba ehlukene ukuyonikezela ngosizo; kuwona kukhona i-South African Police Service (SAPS), South African National Defence Force (SANDF) abalekelela ngokutakula abantu ezimotweni, babayise emahholo ahlonzelwe ukuthi abagcine.
Uthe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngokubambisana ne-South African Social Security Agency (SASSA) banikezela ngosizo lokudla okufudumele, izingubo zokwembatha, olokwelulekwa ngokomqondo nolokubhalisa bonke abakhahlamezekile.
Uveze nokuthi noMphathiswa woMnyango wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma ngokubambisana neSANRAL, RTI, N3TC, RTMC bakhona emgwaqweni ukuqinisekisa ukuthi usizo lokukhucululwa komgwaqo luyaqhubeka masinyane.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, oholwa uMfu Thulasizwe Buthelezi, yiwo osingethe wonke umsebenzi wokutakula njengoba kwaziwa ukuthi izinhlekelele zingaphansi kwawo.
Phakathi kwezinye izinhlangano ezizimele ezinikele kulo mgwaqo ukuyosiza, kube yi-Gift of the Givers, Red Cross, me-Al Imdaad Foundation.
“Ngesikhathi siqala umsebenzi wokutakula obekuseqhulwini ukuthi kusize abantu ebebebhajwe ezimotweni kuqala, bathathwe bayonikwa usizo,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.
Uthe no-Eskom wenza konke okusemandleni ukubuyisa ugesi ezindaweni ezikhahlamezwe yiqhwa.
Ebala imigwaqo esavuliwe nesavaliwe, wexwayise abasuka eGoli abeza eThekwini ukuthi bangalokothi bahambe ngo-N3, wathi okungenani abahambe ngasePiet Retief, bagudle ngoPongolo.
Uthe imigwaqo esivuliwe uthe u-N11 phakathi koMnambithi neNewcastle, N11 Amajuba Pass, R33 phakathi kweVryheid neDundee, R34 phakathi kweNewcastle neBloodriver/Vryheid, R33 phakathi kweVryheid nePaulpietersburg, R34 phakathi kweVryheid neMelmoth, R69 phakathi kweVryheid nePongola, N2 phakathi kweRichards Bay nePiet Retief.
Uthe wonke u-R34 phakathi kweNewcastle neMemel usavaliwe.
Wethembise ukuthi namuhla isimo sizoba ngcono kakhulu, wathi bazohambela amahholo lapho okubekwe khona abatakuliwe.