Leli phephandaba lihlanganise amathiphu angasiza abathengi abafuna izimoto ezingamasekeni.
NgokweNaked Insurance, kumele uqale ubheke ukuthi unamalini ubale nezindleko zakho. Okulandela lapho wukubheka imoto ehambisana nezidingo zakho futhi kubalulekile ukuthi ungabi nenhliziyo engaphandle kodwa ubheke ozokwazi ukumelana nezindleko zayo.
“Thola ukuthi izodinga ukuseviswa kangaki, kuyimalini, zingaki izinto ezidinga ukushintshwa njalo nokunye. Thola ukuthi yakhiwa lapha yini. Uma yakhiwa ngaphandle kungabiza ukuthenga amaphathi ngoba kungenzeka alandwe ngaphandle,” kusho iNaked Insurance.
Ithe funda nangayo imoto ukuthi abanye bathini uphinde ubheke nebanga elihambile ngoba uma isihambe kakhulu kungenzeka idinge ukunakekelwa kakhulu.
Iqhube yathi thenga emagaraji aziwayo ukuze uma uba nenkinga, maningi amathuba okuthi ilungiseke. Ngokujwayelekile iphuma nomlando wokuseviswa kwayo ngoba amagaraji aziwayo kukancane ukuthi adayise imoto eyebiwe.
Emagaraji baphinde badayise izimoto ezingama-demo ezisetshenziselwa ukuvivinywa. Zijwayele ukuba nentengo ephansi futhi zibe ne-warranty.
Kumele ubheke ukuthi ineminyaka emingaki, ike yaba yini sengozini nokuthi ike yaba nabanikazi abangaki. Lokhu kukunika isithombe sokuthi ibiphethwe kanjani phambilini.
Ezinye izinto okumele zibhekwe wukuthi imoto ayibhaliwe yini ukuthi “code 3” okuchaza ukuthi umshwalense usuyichithile ukuthi ibe semgwaqeni.
Abathengi kumele baqaphele uma bebona isikhangiso semoto enentengo ephansi kunaleyo ebiza yona emakethe. Lokho kungasho ukuthi ihambe kakhulu kuneminyaka yayo, ike yaba sengozini noma inenkinga enkulu.
Uma ikhona indlela, yivivinye imoto ngaphambi kokuyithenga.
Lokhu kuza ngemuva kocwaningo olukhishwe yibhange elibolekisa ngemali yokuthenga izimoto iWesBank oluveza ukuthi isibalo sabafuna izimoto ezingamasekeni sedlula esabafuna ezintsha ceke.
Okhulumela iWesBank uLebo Gaoaketse uthe amakhasimende asekhetha izimoto ezibiza kangcono futhi sekunomkhuba wokuthi abantu bathenge izimoto ezingamasekeni kuzona zonke izigaba.
Uthe lokhu kufakazelwa yimininingwane yokuthengwa kwezimoto ezintsha ekhishwa zinyanga zonke yi-Naamsa.
Uthe ucwaningo lwabo lohhafu wokuqala wonyaka luveza ukuthi abafaka izicelo zokubolekwa imali yokuthenga izimoto ezingamasekeni zingaphezu kwezezimoto ezintsha.
“Ngohhafu wokuqala wakulo nyaka iWesBank ithole izicelo ezingu-337 061 zokubolekwa imali yokuthenga izimoto ezintsha. Esikhathini esifanayo, zibe ngu-688 316 izicelo zezimoto ezingamasekeni. Isizathu esikhulu sokufuna izimoto ezingamasekeni ukuthi abantu bazomelana nezindleko zazo,” kusho uGaoaketse.