IMOTO: TOYOTA COROLLA CROSS
UKUBE kwaToyota awubafikelanga umqondo wokwenza iCorolla eyiSport Utility Vehicle (SUV), iCross, mhlawumbe ngabe liya ngokushabalala igama layo.
ICorolla izalwe ngo-1966, futhi angaphezu kuka-50 million adayisiwe kulezi zinhlobo ezingu-12 esezakhiwa.
Nokho ukuthandwa kwamaSUV kwenza amaCorolla angama-sedan kanjalo ne-hatchback aye ngokuncipha emgwaqweni.
Empeleni iCorolla Quest ayisakhiwa nokwakhiwa.
Kunalokho, idumela selithathwe yiCorolla Cross eqale ukudayiswa ekupheleni kuka-2021. Okuhle ngayo wukuthi yakhiwa efemini yakwaToyota eseProspecton, eThekwini, nokuyinto enhle ekudaleni imisebenzi nasekufukuleni umnotho wakuleli.
Ifike abantu bayamukela kahle ngoba iyona SUV edayisa kakhulu eNingizimu Afrika nokuyinto kwaToyota abafuna ukuyibona iqhubeka.
Lokhu bakwenze ngokuyithuthukisa, muva nje bayishintsha lapha nalapha.
Iqhamuka usheshe uzibone izinguquko nge-grille yayo ezishaya samoto kagesi. Angikayizwisisi kahle ngoba ngisathanda endala kodwa mhlawumbe - ngokuhamba kwesikhathi - izogcina ingingenile.
Amalambu nawo ashintshiwe, asenama-indicator akhanya sakudweba okuyinto abantu abayithandayo ngoba ngike ngibone abanye uma beshuna izimoto zabo bewafaka.
Umbala wesihamba ngayo obizwa ngeDesert Gold, ubungekho phambilini.
Uma ungena ngaphakathi uvele ubone ukuthi kuyoguga wena ngenxa yezinga eliphezulu lezinto ezisetshenzisiwe ukuyakha.
Izihlalo ziyisikhumba futhi esomshayeli usihlela ngogesi.
Inesikhala esanele kwabanemindeni ngoba nesebhuthi singu-440 litres.
Okuhle asebekwenzile wukwengeza izindawo ezimbili zokushaja ngemuva nokuqeda isizungu kubagibeli. Bekungaba kuhle ukube kukhona eyokushaja ngaphandle kwentambo ngaphambili kodwa akusenani.
Ngisengakulo ingaphambili, uzoqaphela ukuthi ngasegiyeni kukhona i-parking brake. Kuphelile ukuyinyathela ngonyawo ezansi manje.
Okunye abakushintshile yi-touchscreen ye-infotainment system. Ungathi akuyona eyakwaToyota ngenxa yokwehluka kwayo kwezinye izimoto kodwa yenza konke okudingayo njengokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay, iveza lonke ingaphandle uma upaka nokudlala kumsakazo.
Iphinde ibe ne-digital instrument cluster oyishintshayo ukuthi iveze kanjani.
Ngikuthandile ukuthi isho uma uyivala ukuthi kunamawindi avulekile nokuyinto eyengeza ukuphepha. Lokhu ngezinye zezinto eziningi enazo zokuphepha nezisiza umshayeli njengokuthi isho uma izoshayisa, adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni nokunye.
Injini abayishintshanga, kusengeyongayo kaphethroli exutshwe nekagesi. Ingu-1.8 litre enamandla angu-90kW.
Uma uyidumisa iyazithulela isuke buthule ngekagesi bese kuthi uma usunyusa isivinini iqale idume.
Ibhethri layo liyazishaja uma usubhreka noma udedela amafutha ezindaweni ezehlelayo. Ubukhona baleli bhethri benza yonge ngoba ngesikhathi ngihamba ngayo ibilokhu ihleli ku-5.7 litres/100km.
Yinto efana nebengiyithola emotweni encane iSuzuki Swift ngihamba ngayo nokukubeka esithombeni ukuthi injani.
Ukonga kwayo ngezinye zezinto eziheha abantu kuyo, bayeke izimbangi, ikakhulukazi ezivela eChina. Okunye yizinga layo, yigama elineminyaka abantu abalethembayo kanjalo nokuthi amagaraji akwaToyota awuchithi saka.
Intengo:
Corolla Cross 1.8 XR HEV – R545 200
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili.