AKAYINGENI uDJ Sbu eyokubuyela kwiSABC. Kepha, ezinkundleni zokuxhumana sekusabalele izindaba ezingesilo iqiniso ngaye.
Ephawula kwiYoutube uthe uyazeshwama izindaba ezithi uncenga ukubuyiselwa esiteshini seSABC, lapho ayeqashwe khona eminyakeni edlule.
UDJ Sbu unameke inkulumo yakhe ecacisa ngemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwevidiyo yakhe.
Ephawula kwividiyo, uthe akanaso isikhathi sokuncenga muntu futhi uyasemukela isimo uma kukhona okungahambi kahle.
"Abantu banomkhuba wokuthatha isiqeshana senkulumo ingasaphelele, bese basabalalisa abasuke befuna kususe umsindo ngoba benezinhloso ezithize. Sekunezinkulumo ezithi ngixakekile futhi ngincenga umsebenzi eSABC. Angizange ngisho ukuthi ngifuna umsebenzi eSABC. Angikho ezingeni lokuthi ngingancengana nomsebenzi ngoba ngimatasa namabhizinisi aqashe abantu abangaphezulu kuka-300," kuchaza uDJ.
Eqhuba uthe umsebenzi ongamjabulisa ngowasemazweni angaphandle kuphela. Wathi kuyamthokozisa ukuthi usekwazi ukuqopha ocingweni lwakhe konke afuna ukukuhlanza, acacise zonke izinto eziphambene ezikhulunywa ngabantu bakuleli.
"Konke lokhu okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana kuyasixwayisa ngabantu abafuna ukubona omunye ephansi, abasizakala ngabanye, nabafuna ukuqala izingxoxo ezingalungile ngabanye. Ngakho-ke kumele sizilungiselele ngayo yonke imikhuba engemihle eyenziwa abantu ezinkundleni zokuxhumana," kuqhuba uDJ okhiqiza iMoFaya.
Mayelana nendlela abukeka ngayo nemiyeko yamarasta futhi engaphucile ekhanda, uthi yisinqumo sakhe asithathile. Futhi asichazi ukuthi useyisichaka kodwa uzikhethele ukungaphuci nokungayigundi intshebe.
Enkulumeni yakhe yevidiyo yokuqala ayinameke ngoLwesithathu, uphendule abantu abehlukene abebefuna ukwazi ukuthi usengabuyela yini eSABC.
Ephawula kuyo, uncome igalelo elibanjwa yiSABC empilweni yabantu okubalwa nabasakazi, nabalaleli bemisakazo engaphansi kwayo. Ugxeke indlela abaphathi abebelawula ngayo phambilini.
UDJ Sbu wazifaka obishini ngoMashi 2015, ngesikhathi emaketha isiphuzo seMoFaya emcimbini wamaMetro FM Awards. Ngaleso sikhathi wayesebenzela iMetro FM. Akalona ivukana kwezokusakaza, kunezinye iziteshi aseke wazisebenzela ezingaphansi kweSABC, okubalwa iYFM noKhozi FM.