UWUVALA ngenothi eliphezulu u-2022, uDJ Happygal ngemuva kokuqashwa yiGagasi FM, njengomunye wabasakazi balo.
Isolezwe NgeSontose lingakudalula ukuthi uDJ ozalelwe eMatshana, eMpangeni, kodwa osezinze eThekwini, uHappy “Happygal” Ndlovu, usejoyine isiteshi somsakazo esizinze eMhlanga.
Ukujoyina kwakhe kupotshozwe ngomana ngikutshele bathi uzongena ngoMgqibelo ntambama. Ngempelasonto edlule wabonakala efake ezinkundleni zokuxhumana ukuthiuzodlala ohlelweni lwantambama ngoMgqibelo ngo-4 kuya ku-7 ebusuku. Kuvela ukuthi ngeke agcine ngokudlala kodwa uzoba ngomunye wabethuli bohlelo.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu, uthukile ukuthi udaba selufike kwabezindaba ngesikhathi ethintwa ngoLwesihlanu ntambama.
“Besisathi sizothumela isitatimende kodwa kunjalo, usesijoyinile,” kusho uKhulekani.
UHappy uzobambisana noMkay Music, ohlelweni iV Session. UMkay Music ubesakaza kwiDurban Youth Radio. Bobabili bajoyina nje, uhlelo belubanjiswe nguDJ Sonic. USonic ubuye ethule uhlelo lwango-12 emini noFlymotion phakathi nesonto kanti ubanjiswe uhlelo ngemva kokuphuma kukaDJ Vumar kulo.
UVumar usethula uhlelo olungena ngo-4 ezintatha phakathi nesonto kanti unikezwe nolunye olwangeSonto ekuseni, lapho evala isikhala sikaNomfundo Xaba, owashiya isigubhukane wathi ufuna ukugxila emabhizinisini.
Ethintwa uDJ Happygal, uthe akazi noma usevumelekile yini ukukhuluma nabezindaba ngalokhu wathi usazobuza kubaphathi bakhe. Kushaye isikhathi sokushicilela engabuyelanga.
Ujoyina isiteshi nje, akaqali ukusakaza ngoba uke waba yingxenye yesiteshi somphakathi iVibe FM, KwaMashu, lapho ubethula uhlelo lwantambama, i-Entertainment Summit.