INTANDOKAZI kaDJ, uHappiness “DJ Happy Gal” Ndlovu, ithi mabaswenke baconse, balindele nokudansa abesifazane abazohambela umcimbi omkhulukazi weSolezwe, Intandokazi Women’s Club, ozoba seCoastlands Hotel, eMusgrave, ngoMgqibelo emini.
Intandokazi wumcimbi ohlelwa yiSolezwe ohanjelwa ngabesifazane bamazinga ahlukene. Basuke bekhuluma ngezihloko ezahlukene bephinde becotshelelwe ngolwazi kwezamabhizinisi nasezintweni ezibathintayo ngqo njengezomthetho, ukuzicwala nokuzinakekela, ezithinta imindeni nokunye okuhloswe ngakho ukubakhulisa.
Umcimbi uzobe uphethwe ngumsakazi woKhozi FM ophinde abe ngusomabhizinisi, uZanele Mbokazi. Uzoqala ngo-10 ekuseni.
Isikhulumi esiqavile ngusomabhizinisi ohlonishwayo uNhlanhla Mjoli-Mncube. Kuzobe kukhona nompheki uZanele van Zyl ozonikeza amathiphu okupheka.
Kuzobe kunandisa umculi wokholo uThinah Zungu othembise ukuthi uzobe ehamba nendodana yakhe uNdumiso, nayo engumculi.
Omunye wabazobe benandisa, uDJ Happy Gal, uthe uwubheke ngabomvu umcimbi Intandokazi.
“Ngiyajabula ukuthi sizobe sihlanganyele ndawonye siyiMbokodo. Ngifisa ukubatshela abazoba yingxenye yomcimbi ukuthi abalindele ukudansa nokucula ngoba ngizobe ngidlala zonke izinhlobo zomculo abazithandayo. Ngizobakhumbuza ezamzukwana ngiphinde ngidlale nezakamuva. Nomculo wokholo ngeke ngiwushiye ngoba ngiyazi kunabesifazane abakholwayo. Abaphume ngobuningi babo sizohlanganyela kwiNtandokazi,” kusho uHappy Gal.
Uthe izethameli kumele zingazithambisi ngokwengqephu ngoba naye yize ezobe enguDJ ozonandisa, kodwa ngeke azibeke phansi, uzobe ekhiphe unyawo.
“Ngizobe ngiswenkile, ngiyaziwa nje ukuthi angishayi eceleni. Nabanye abaswenke bangadembeseli,” kusho uHappy Gal ophinde abe ngumsakazi wohlelo iThe Pre Party njalo ngo-7 ebusuku ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kwiGagasi FM.
Indikimba yomswenko yosuku ithi Shades of Pastel Colours.
Amathikithi alo mcimbi oxhaswe yiSpekko atholakala eTicketpro ngoR475. Ahlanganisa ukudla nezipho.
Owezokukhongisa kwiSolezwe uNksz Phumi Mkhize uthe izethameli azizilungiselele ngobumnandi nezinkulumo ezakhayo.