Umndeni womrepha uLeslie Jonathan Mampe, Jr odume ngelikaDa L.E.S usuveze ukuthi ushaywe isifo sohlangothi ngesonto eledlule esekhaya.
Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uDa L.E. S kukhona imicimbi akade eqashwe kuyo angabanga yingxenye yayo.
Esitatimendeni esikhishwe umndeni waKwaMampe bavthe yize esesimweni esithembisayo esibhedlela kodwa bayayidinga imithandazo yabantu bakuleli.
“Njengomndeni siyadabuka ukunazisa ukuthi umculi wenu enimthandayo uDa L.E.S uhlaselwe isifo sohlangothi ngoLwesihlanu esekhaya, nokuholele ekutheni simphuthumise esibhedlela. Yize esesimweni esigculisayo, kodwa bonke abasondelene naye kusenzima futhi siyanxusa ukuthi nisibeke emkhulekweni njengoba sibhekene nalesi simo esinzima,” kuchaza umndeni waKwaMampe.
Bathe uma kukhona okunye okuthinta impilo yakhe ngokuhamba kwesikhathi bazoqhubeka nokwazisa umphakathi.
Babonge ukuxhaswa abantu abahlukene abasondelene nalo mculi.
Ukuvela kwalezi zindaba kuthinte abaningi njengoba abanye bethe lo mculi usemncane futhi bakhumbula owayengumngani wakhe ongasekho uKiernan Forbes odume ngelika-AKA odlule emhlabeni ngonyaka odlule.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bamfisele ukululama okusheshayo lo mrepha.
U-@MakiMarish uthe “Ngifisela uDa L.E.S ukululama ngokushesha, usemncane futhi kuningi asengakwenza empilweni”.
U-@zinn_le uthe “Asimkhulekeleni uDa L.E.S. Ngimfisela ukululama ngokushesha”.
U-@thaboreagan uthe “Eish kodwa uLeslie naye, nginesiqiniseko sokuthi khona la eqise khona kulezi zinto abazidlayo. Kodwa sengathi ungalulama ngokushesha mfanaka”.
Kwenzeka lokhu emasontweni adlule uDa L.E.S ubengomunye wabasebenzi abebezogcona uMinnie Dlamini ohlelweni olukhonjiswa kwiShowmax iThe Roast of Minnie Dlamini.
Kosaziwayo akade enabo kubalwa uTrevor Gumbi, Shahan Ramkissoon, Celeste Ntuli, Lasizwe, Penny Lebyane, Siv Ngesi noRobert Marawa.