KULINDELEKE ukuthi ubuyise ithemba entsheni yakuleli esemkhakheni wokulingisa umdlalo omusha, njengoba bese kungathi izinto aziyihambeli kahle.
I-Sibongile & the Dlamini’s, ezoqala kuMzansi Wethu(163), ngoJulayi 31, ngo6.30 ntambama ibophele abalingisi abangabokudabuka eKZN.
kulo mdlalo wokuqala owuchungechunge kulesi siteshi, kuzogqama abalingisi iningi labo laKwaZulu-Natal, okukhona kubo uVuyo Biyela, Siyabonga Shibe, Melusi Yeni, Nduduzo Mchunu nabanye.
Isolezwe beliyingxenye yabezindaba abebehambele lapho bekushuthwa khona umdlalo eThekwini.
USiyabonga Shibe ungomunye wabalingisi abahamba phambili kuwo ozobe elingisa indawo kasomabhizinisi uNjengaye Dlamini.
USiyabonga uthe, indawo yakhe abantu bazoyijabulela kakhulu njengoba iletha okuningi emkhakheni webhizinisi, izophinde iveze ukuthi iziqumama zingabantu abanjani iningi lazo.
UMelusi Yeni uthe uzobe elingisa indawo kaStanley Khubase, nongumsebenzi kamasipala okhipha amathenda, ufika ezoqeda ngenkohlakalo ekhona kulo mkhakha.
“UStanley, ungumuntu owuthanda kakhulu umsebenzi wakhe, futhi akazwani nenkohlakalo ekhona emsebenzini wakhe. Uyahlonishwa ngendlela enza ngayo izinto, kodwa ngenxa yokubona ukuthi osomabhizinisi badla kahle kulo mkhakha akuwo naye ugcina esengene shi enkohlakalweni, kuba khona izinto ezingahambi kahle. Lo mdlalo ungivezele okunye ngokuthi noma kungaba njani, kodwa ithemba ungalilahli. Intsha ngiyayikhuthaza kakhulu ukuthi iwubuke lo mdlalo ngoba kukhona ezokucosha kuwona,” kusho uMelusi.
Uthe uyajabula ngokukhula kwemidlalo esifundazweni nokuyinto ababengacabangi ukuthi bayoyibona ngelinye ilanga, njengoba bebehlala bethutheleka eGoli.
UVuyo, uveze ukuthi naye indawo yakhe kaKwenzo Dlamini, izogxila kakhulu emkhakheni webhizinisi, imfashini futhi yindawo ezobalwa kwezinkulu kulo mdlalo.
Uthe ababukeli bomdlalo into abazomthandela yona ukuthi yize beyizigwili kubo kodwa akaphakeme kwabanye abantu.
Lo mdlalo uqoshwe inkampani kaDuma Ndlovu, iRhythm World.
Abanye abalingisi kubalwa u-Ayanda Borotho, Yolanda Myeza, Yolanda Buthelezi oke wabonakala kwiMuvhango.